Kuhlukene imibono ngevidiyo kaMakhadzi exosha umdansi wakhe esiteji

Sizwe Sibiya

UMakhadzi, owaziwa inqwaba yabalandeli bakhe njengendlovukazi yase-Afrika, usephinde wanyakazisa izinkundla zokuxhumana ngemuva kwevidiyo yakhe eqoshiwe emveza exosha omunye wabadansi bakhe esiteji komunye umcimbi.

Lezi zithombe zithathwe ngesikhathi kunomncimbi obungoMgqibelo endaweni yokucima ukoma ebizwa nge-Moonlight e-Madibogo e-North West.

Lo mculi oshisa izikhotha ngengoma yakhe ethi “Ghanama” uxolise kumdansi wakhe ngemuva nje kokuthi ividiyo iqale ukusabalala ezinkundleni zokuxhumana. Esitatimendeni uthe empeleni ubezama ukuphusha umdansi wakhe ukuthi asondele eduze njengoba ubenza isiteji sibe manzi futhi sishibilike ngalamanzi kade ewathela phansi.

Lesi sigameko senzeke ngesikhathi uMakhadzi edlala ingoma ethi “Ma Yellow Bone”, ingoma yothando emayelana nokuqhunyiswa kweshampeyni kanye nokuzijuxuza.

“Ngibone ukuthi ufuna ukuthela amanzi esiteji. Ngebhadi uma ethele amanzi esiteji ngeke sikwazi ukuqhubeka nokucula ngoba kuba manzi phansi kuphinde kushelele. Ngakho bengizama ukumphusha ukuthi asondele kumina, ukuze sizame ukuthela amanzi phansi esikhundleni sokuthela amanzi esiteji,” kusho uMakhadzi echaza ngokwenzeka kwividiyo eputshukile.

Ngokusobala igama elithi phusha” kanye nelithi donsa” amagama angaqondakali hhayi ezicabheni zengilazi kuphela, kodwa angadida nasesiteji.

Khonamanjalo, abalandeli ezinkundleni zokuxhumana basaphikisana ngokuthi bayikholwe yini incazelo kaMakhadzi edidayo. Abanye bacabanga ukuthi bekuyisenzo sobuxhwanguxhwangu, kanti abanye bathi intombazane ibuthaka kakhulu, futhi iphushwe nguMakhadzi .

Ngabe wena ucabangani ? Zibukele ividiyo lapha bese uzithathele isinqumo.

Izihloko zakamuva