Lubhalwe nguRazeen Gutta
AmaZulu aqinisekise ukushiya komqeqeshi uPablo Franco Martin kulandela ukuqala kabi umkhankaso wawo wePSL.
Ayiqale kabi isizini entsha AmaZulu ahlulwa emidlalweni yawo emithathu yokuqala.
Ukuhlulwa iMarumo Gallants nePolokwane City okungamaqembu asanda kukhushulwa, kanye nokuhlulwa yiKaizer Chiefs, kuholele esinqumweni sokwenza izinguquko ezingeni labaphathi.
Leli qembu elizinze eThekwini lumemezele ukuhamba kukaMartin nomsizi wakhe ngoMsombuluko ebusuku.
“AmaZulu anqume ukuhlukana nomqeqeshi uPablo Franco Martin kanye nephini lomqeqeshi u-Aitor van den Brule,” kusho iqembu.
“Sithanda ukuthatha leli thuba sidlulise ukubonga kubo bobabili uMartin noVan den Brule ngeqhaza labo kulezi zinyanga ezingu-15 ezedlule bephethe iqembu.”
Ngaphansi kobunikazi bukaSandile Zungu, AmaZulu ahlale ekhombisa izifiso zokuba ngelinye lamaqembu aphambili kuleli, ehlale ebhekwe ngabomvu.
Ukuqala kwabo isizini ngendlela eshaqisayo bekungekhona obekulindelwe ngabanikazi nabalandeli, okuholele esinqumweni sokuhlukana noMartin.
“Ukuzinikela nokusebenza ngokuzikhandla kwabo akuzange kushaywe indiva, futhi sibonga kakhulu umzamo abawenzile endimeni yabo. Sibafisela okuhle kodwa ezinhlelweni zabo zangomuso futhi sidlulise ukubonga kwethu njengoba beqhubekela phambili emsebenzini wabo,” kwengeza AmaZulu.
Esithombeni esingenhla: UPablo Franco Martin.
Umthombo: @goalcomsa