Dylan Bettencourt
Amaphoyisa ase-Somalia alwa nenkinga entsha yezidakamizwa ehlasele izwe lonke.
Amaphoyisa amemezele uhlobo oluthile lwezintuthwane njengesidakamizwa esingekho emthethweni ngemuva kokusabalala kwemibiko yabantu abashunqisa izinambuzane bese behogela umhwamuko wazo ukuze bedakwe.
Izintuthwane zasendlini ezinephunga elimnandi ziqukethe i-formic acid, eyaziwa ngokubangela isiyezi, isicanucanu nokuhlanza.
Ngemuva kophenyo lokuhogela umhwamuko wezintuthwane, amaphoyisa afake lesi sinambuzane ohlwini lwezidakamizwa. Lokhu kusho ukuthi noma yimuphi umuntu ozotholakala esebenzisa lezi zinambuzane ukuze adakwe engaboshwa.
Kodwa kuvele ukuthi abantu akuzona kuphela izidalwa ezihogela umhwamuko wezintuthwane.
“Esikhathini esedlule kwatholakala ukuthi izinyoni zidakiwe ngemuva kokudla izintuthwane eziningi zalolu hlobo, kanti abantu basebenzisa lezi zintuthwane ngendlela efanayo,” kusho isikhulu sezokuphepha sitshela umsakazi wakumabonakude wase-Somalia.
Lesi sikhulu siphinde sachaza ukuthi abantu badakwa kanjani ngokuhogela umhwamuko walezi zintuthwane.
“Banqamula izinqa zezintuthwane, bese bezifaka epanini elinesivalo. Ngemuva kokubilisa isikhashana abantu bahlala eduze kwepani balizungeze behogela umhwamuko bese beyadakwa.”
Umethuli wohlelo ubuze ukuthi ngabe izincazelo zesikhulu sezokuphepha ziyiqiniso yini, isikhulu saphendula sathi: “Yebo. Bayadakwa impela.”
Lesi sikhulu sengeze ngokuthi seziyashoda izintuthwane zasendlini ngoba abantu bayazizingela ukuze bedakwe.
Umthombo wesithombe: @TheDailyPest