Kuhlonzwe abasolwa ngesokudubula ethaveni yase-Soweto

Sibonelo Zwane

Amaphoyisa adalule amagama abasolwa abahlanu okusolakala ukuthi bayathinteka esigamekweni sokudubula kweyokucima ukoma iNomzamo ngoNtulikazi.

Kufunwa amadoda amahlanu – uSarel Lehlanya Sello, uTshepiso Elliot Radebe, uThabang Radikatara, uTshidiso Moleko  noKeletso Rabasotho – ngamacala angu-16 okubulala nayisikhombisa okuzama ukubulala.

Amaphoyisa aseGoli asekuqinisekisile ukuthi asekhishiwe amaphepha agunyaza ukuthi kuboshwe abasolwa abahlanu okusolwa ukuthi bavulele ngenhlamvu kubantu ababekweyokucima ukoma iNomzamo e-Soweto bephethe izibhamu zohlobo oluphezulu okubalwa kuzo nama-AK-47.

Ngesonto eledlule amaphoyisa abike ukuthi kunamavidiyo akhombisa abasolwa abadubule eNomzamo. Baphinde bathi abasolwa bangaphandle kwemingcele yakuleli futhi basebenzisana ne-Interpol ukuze abasolwa babuyiselwe kuleli ukuze babhekane nengalo yomthetho.

UKhomishana wamaPhoyisa eGoli uMajor General Max Masha uthe ukudubula bekuhleliwe futhi bekuhlosiwe.

Omunye wabasindile uNcumisa Nhloko obukele isoka lakhe uMnu Menzi Nzimande lishona ngemuva kokudutshulwa ngesihluku, uthe akaphathekile kahle ikakhulukazi ngoba ababulali besoka lakhe bagcwele amathafa.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uzokhululeka uma bonke abasolwa sebeboshiwe.

UNhloko uthe amaphoyisa awabatsheli lutho abasindile nganoma yikuphi okwenzekalayo.

“Ngizwa ngomakhelwane uma bekhuluma, muva nje ngizwe kuthiwa kunevidiyo ekhombisa abasolwa bengena kule ndawo yokucima ukoma.

“Namhlanje ngizwe kuthiwa kunezithombe zabasolwa abagile lo mkhuba. Empeleni anginalwazi ikakhulukazi ngoba anginayo i-smartphone futhi asikabi nawo ugesi,” esho.

Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi abasolwa bakuphi ukuthi athinte uColonel Friccah Masilela ku-082 822 7270 kanye noSayitsheni Ndlovu ku-065 962 4329. Onolwazi engalubika ku-#MYSAPSApp noma ku-#CrimeStop Line ku-086100.

Izihloko zakamuva