Kuhlonishwe owayengukaputeni wamaBhokobhoko ongasekho

Dylan Bettencourt

Owayengukaputeni wamaBhokobhoko uDawie de Villiers uhlonishwe iqembu lebhola lombhoxo laseNingizimu Afrika ngemuva kokuthi umndeni wakhe umemezele ukudlula kwakhe emhlabeni ngeSonto ekuseni.

Umndeni wakhe ukuqinisekisile ukuthi owayengumqeqeshi obeneminyaka engu-81 ubudala ushonele kubo e-Stellenbosch kulandela ukugula isikhathi eside.

“UDawie ubelokhu esesimeni esingesihle ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, kodwa sibe nenhlanhla yokumnika usizo lochwepheshe njengomndeni,” kusho isitatimende somndeni.

UMengameli weqembu laseNingizimu Afrika lebhola lombhoxo uMark Alexander uthe uDe Villiers ubengomunye wokaputeni bamaBhokobhoko abenza kahle kakhulu.

“UDawie de Villiers wayengukaputeni wamaBhokobhoko ngesikhathi umoya woshintsho wawuqala ukuvunguza esimweni sezepolitiki kwezemidlalo kanti uhambo lwakhe lokugcina kwakuyi-demo tour yase-UK ngonyaka ka-1969 no1970,” kusho u-Alexander.

Wengeze ngokuthi uDe Villiers wayebalulekile ekushintsheni intando yeningi eNingizimu Afrika.

“Leyo nhlonipho yagcina imenza ingxenye yoshintsho empilweni yezepolitiki ngesikhathi izwe lethu lingena esigabeni sentando yeningi. Ubeyisisebenzi esikhulu sezwe,” kuchaza uMark. 

UDe Villiers wazalwa mhla ziyishumi kuNtulikazi ngo-1940 e-Burgersdorp.

Uke waba ngukaputeni weqembu lamaBhokobhoko kuma-test angu-22 wathola irekhodi eleqa uFrancois Pienaar ngo-1995.

“Ukuhola iNingizimu Afrika isikhathi eside njengoba enza ezikhathini zabasafufusa nokubamba irekhodi lokuba ngukaputeni wama-test kuze kube kufika ubungcweti kusho konke okumele ukwazi mayelana nesiqu sakhe njengomdlali nomholi,” kusho u-Alexander.

Ngesikhathi engukaputeni  wamaBhokobhoko wayephinde abe ngusopolitiki. UDe Villiers wabamba iqhaza ekuthatheni izintambo kuhulumeni wentando yeningi eNingizimu Afrika ngesikhathi esebenza ezinhlelweni zokuvala i-ANC ngesikhathi sobandlululo.

WayenguNgqongqoshe kuhulumeni wangaphambilini nangemuva kuka-1994 futhi wasebenza njengenxusa laseNingizimu Afrika e-UK.

UDe Villiers ushiye emhlabeni unkosikazi wakhe, amadodakazi amathathu, indodana eyodwa kanye nabazukulu abayisishiyagalolunye.

Umthombo wesithombe: @SuperSport

Scrolla World Cup Quiz