Kuhlonishwe owaqala ibhizinisi lamaqakelo

Doreen Mokgolo

Ngesikhathi uLindiwe Nkuna-Kgopa ethatha isinqumo sokulwa nokuntuleka kwamaqakelo ubengalindele ukuthi imizamo yomsebenzi wakhe izohlonishwa uMengameli.

Lo wesifazane oneminyaka engu-39 ubudala wase-Giyani e-Limpopo uklonyeliswe njengowesifazane kulo nyaka kwi-Black Industrialists and Exporters Conference ngoLwesithathu e-Sandton Convention Centre.

Umklomelo wakhe uwunikezwe uMengameli uCyril Ramaphosa  noThoko Didiza uNgqongqoshe Wezolimo, Ukubuyiswa Komhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya. Le ngqungquthela ibisingathwe nguMnyango Wezohwebo, Izimboni kanye Nokuncintisana.

UNkuna-Kgopa waqala ukuthuthukisa abesifazane abasebasha abavela ezigodini zase-Limpopo ngokuqongelela imali yemfundo yabo ephakeme eminyakeni emihlanu edlule.

Ube esebona ukuthi amanye amantombazane asemancane aphoqeleka ukuthi angayi esikoleni uma esesikhathini ngoba engenawo ama-sanitary towels.

“Kwangizwisa ubuhlungu ukuthi uma bengena esikhathini kuba nzima kubo ikakhulukazi uma igazi lizophuma besesikoleni baba inhlekisa kwezinye izingane.

“Siqale ngokucela iminikelo emndenini, abangani kanye nosomabhizinisi bendawo e-Ga-Masemole e-Limpopo,” kusho uLindiwe.

Ngemuva konyaka wabona ukuthi babengawenzi umehluko ayewucabanga.

Ngakho-ke wanquma ukuqala ebhizinisini elikhiqiza ama-sanitary pad emzamweni wokwenza iminikelo iqhubeke.

“Bengifuna ukufinyelela kwabesifazane abaningi abasebasha ukuze ngiqinisekise ukuthi lona akuwona umthwalo onzima okumele babhekane nawo bodwa.”

“Kuze kube manje iminikelo yethu yama-sanitary pad isifinyelele emazweni aseningizimu ne-Sahara futhi iyaqhubeka nokukhula nakwamanye amazwe ase-Afrika.”

UNkuna-Kgopa wengeze ngokuthi indondo eyokuhlonipha umsebenzi abawenzayo wokuthuthukisa abesifazane abasebasha nokushayela ihlombe lokhu abakwenzayo.

“Ebengikufisa nje ukuthuthukisa abesifazane abasebasha ikakhulukazi abasezigodini zasemakhaya ukuthi babe nethuba elihle lokulwela amaphupho abo futhi baphumelele,” kusho yena. “Kancane kancane iphupho lami liyafezeka.” 

Izihloko zakamuva