Kuhlonishwe ingqalabutho yomshayisibhakela 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Umqhudelwano wokuqala kaphromotha uFundi Malinga ongaphansi kweSugarboy Promotions usumenyezelwe waba impumelelo kweyomkhumulajezi.

Kuhlonishwe uyise kaFundi, uThulani “Sugarboy” Malinga owaba umpetha we-WBC super middleweight amahlandla amabili emcimbini obungeSonto ebusuku e-Dongala La Boutique Hotel, eMnambithi.

USugarboy waqopha umlando ngokuba umshayisibhakela wokuqala wakuleli ukuwina isicoco ngesikhathi ehlula omunye wabashayisibhakela abasatshwa kakhulu emhlabeni. Wahlula uNigel “Dark Destroyer” Benn eNgilandi ngo-1995.

Ekhuluma kulo mcimbi, uSugarboy uthe uzizwa ethobekile ngokuhlonishwa esaphila.

UFundi uphinde wancoma izelamani zakwaMalinga okuhlanganisa nababengompetha be-WBU lightweight uPeter noVusi abawina ibhande le-SA nele-WBC International ezinsukwini zabo zesibhakela.

Ingqophamlando yalo busuku kube impi ebiphakathi kukampetha we-South African middleweight uJohn “Section 29” Bopape no-Ayanda Mthembu.

UBopape usigcinile isicoco sakhe ngesikhathi ebhekene noMthembu ngokumqumba phansi emzuliswaneni wokuqala.

UBopape obezovikela isicoco sakhe sesithathu uthe ubengafuni ukunika imbangi yakhe indawo yokuphefumula yingakho emhlasele ngolaka ngesikhathi kukhala insimbi yokuqala.

Isandla sokudla salo mpetha esinomfutho omkhulu senze uMthembu washaya iseyili kabuhlungu ngesikhathi ewa ngobuso.

Lokhu kubajabulise kakhulu abebekhona kodwa unompempe u-Erick Khoza uye waqeda impi ngesikhathi imilenze kaMthembu isibonakala ixega.

“Nginitshelile ukuthi ngeke ngihlukane nebhande lami,” kusho uBopape.

“Sengishaye abashayisibhakela abathathu baKwaZulu-Natal. Ngifuna labo abaphezulu ngezilinganiso. Ngifuna ukuvikela ibhande lami le-ABU.”

Kodwa ubenesexwayiso kwizimbangi zakhe.

“Labo abafuna izicoco zami kungcono bazilungiselele impi enzima,” esho.

UMthembu uvumile ukuthi ushayiwe futhi uze wathembisa ukuthi uzobuyela ebhodini nabaphathi bakhe.

Esithombeni esingenhla: UJohn Bopape

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva