Kuhlengwe ozamazama

Kamogelo Olaitan

Bomile futhi belambile, nezidumbu zozakwabo zilele eduze kwabo, iqembu lozamazama ababevaleleke emgodini wemayini e-Orkney, e-North West, bekungekho abangakwenza ngaphandle kokufuna usizo lokunyukela phezulu.

Ozamazama bonke abahlala eNingizimu Afrika ngokungemthetho, batakulwe ngaphansi komhlaba yiziphathimandla ngomkhankaso wezinsuku ezine base beboshwa ngokuhamba kwesikhathi.

Kuphinde kwatholakala izidumbu ezine esezibolile emgodini.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uBrigadier Sabata Mokgwabone uthe ozamazama bacele abaphathi bezimayini ukuthi babasize baphume emgodini ngoba bebulawa yindlala.

UMokgwabone uthe ithimba lezinhlaka ezahlukene elihlanganisa ithimba lesifunda i-Dr Kenneth Kaunda Illicit Mining Team, i-Orkney Visible Policing, abaseshi kanye nethimba labatakuli basezimayini bathunyelwe kulo msebenzi.

“Ithimba likwazile ukuhlenga ozamazama abangu-77 phakathi kwangoLwesine ngomhlaka-14 kanye noMsombuluko womhlaka-18 kuMbasa ngo-2022,” kusho uMokgwabone.

Uthe bonke ozamazama abahlolwe ngodokotela bahlanganisa amadoda angu-60 ase-Lesotho, angu-13 ase-Mozambique namane ase-Zimbabwe.

Kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yase-Orkney maduze ukuze babhekane namacala okungena kuleli ngokungemthetho, ukumba izimayini ngokungemthetho kanye nokwephula iSigaba 49(1)(a) soMthetho waBaphuma emazweni angaphandle, wango-2002 (uMthetho No. 13 ka-2002).

Izihloko zakamuva