Kuhlengwe izingane zathuthelwa e-Egypt zisuka eGaza

Izingane eziningi ezizalwe ngaphambi kwesikhathi nezigulayo zifike ziphephile e-Egypt ngoMsombuluko ngemuva kokuba zikhishwe esibhedlela sase-Gaza i-al-Shifa esihlaselwe yimpi.

Izikhulu zase-Egypt zikuqinisekisile ukuthi zingu-28 izingane ezithola ukwelashwa kuleliyazwe, kanti omama abane kanye nabahlengikazi abayisithupha abebehamba nazo bewele umngcele futhi balashwa ezibhedlela ezahlukene.

Izingane ezingu-31 ezisengozini kudingeke ukuthi zikhishwe e-al-Shifa, isibhedlela esikhulu kunazo zonke sase-Gaza ngempelasonto ngemuva kokuthi isibhedlela siphelelwe amandla nezinsiza kulandela ukuhlasela kombutho wezokuvikela wase-Israeli (IDF).

Ngesikhathi besese-al-Shifa, abezokwelapha bazame kanzima ukugcina izingane ziphila ngokuzilalisa ndawonye emibhedeni yasesibhedlela ngemuva kokuthi ama-incubator azo ephelelwe amandla.

Kubikwa ukuthi eziningi zishone ngaphambi kokuba zikhishwe esibhedlela.

Kwezingu-31 ezikhishiwe, izingane ezintathu zisale kwesinye isibhedlela sase-Gaza kwathi ezinye zathathwa ngezithuthi zeziguli zayiswa e-Rafah ukuze ziwele umngcele ongenela e-Egypt. Akukacaci ukuthi izingane ezisele ngemuva zizohanjiswa yini kwezinye.

Omunye womama ofike nendodakazi yakhe e-Egypt ngoMsombuluko utshele isisindalwazi esingaphansi kukahulumeni wase-Egypt ukuthi “iyindawo engcono kakhulu ukuba khona emhlabeni”.

ULubna El-Seik uthe ngemuva kokubhekana nobunzima, indodakazi yakhe izalwe ngomhlaka-28 kuMandulo.

“Mhla ziyisikhombisa kuMfumfu bekumele ngiyobona indodakazi yami. Ibifakwe emishinini wokuphefumula. Babe sebesicela ukuthi siphume endlini yethu base beqhumisa umuzi wethu ngamabhomu. Ngakho ngaya esibhedlela i-al Shifa. Akukaze kusifikele ukuthi isibhedlela sizohlaselwa nokuthi lezi zingane kuzomele zibhekane nobunzima ezidlule kubo,” esho.

NgeSonto i-UN ichaze i-al-Shifa ngokuthi “indawo yokufa”.

Ngesikhathi kuqubuka impi ngoMfumfu, isibhedlela besilapha iziguli ezingaphezu kuka-1,500 ezigulayo nezilimele futhi besikhoselise abantu abangaphezu kuka-20,000 ababebalekela ukuhlasela kwamasosha ase-Israel.

Kodwa-ke, ngemuva kokuthi i-IDF ikhiphe umyalelo wokuthi kukhishwe abantu esibhedlela ngempelasonto, zingu-291 kuphela iziguli ezigula kakhulu ezisele kanye nodokotela abangu-25 abazinakekelayo.

Babalelwa ku-2,500 abantu abaningi abebegula futhi belimele, baphume esibhedlela ngeSonto bebheke eningizimu ye-Gaza.

Amasosha ase-Israel aqale ahlasela isibhedlela ngemuva kokuthi i-Hamas isisebenzise njengekomkhulu lamasosha. I-IDF ikhiphe ividiyo ngoMsombuluko yathi ithumbe abantu ababili mhla ziyisikhombisa kuMfumfu bangeniswa esibhedlela. Baphinde baveza nezithombe zomhubhe ongaphansi kwesibhedlela abathi ubusetshenziswa amaphekula e-Hamas.

Esithombeni esingenhla: Izithuthi zeziguli ezithwele izingane ezizalwe ngaphambi kwesikhathi nezigulayo ezingu-28 zisuka e-Gaza ziya e-Egypt.

Umthombo wesithombe: X

Scrolla World Cup Quiz