Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Abaya ejimini bathole okungaphezu kwalokho abebekuhlosile ngeSonto ngesikhathi indoda enqunu igibela ophahleni lwebhilidi lokuzivocavoca i-Virgin Active enkabeni yePitoli.
Abebedlula ngendlela babikele labo abenza umsebenzi wabo wansuku zonke ukuthi indoda engeke idalulwe igama layo iphezu kwebhilidi – futhi isabisa ngokugxuma.
UPercy Kekana obesendaweni yokuzivocavoca uthe lo mlisa ubebonakala ephuzile noma edle izidakamizwa.
“Abantu bebelokhu bemncenga ukuthi angaziphonsi phansi ngesikhathi sisalinde abezimo eziphuthumayo.
“Uye wathatha ibhodlela likabhiya elingenalutho waliphihliza wasabisa ngokuthi uzozigwaza uma isixuku silokhu simncenga ukuthi angazibulali,” kusho uKekana.
Le ndoda ithwetshulwe ngofakazi abazibonele ibambelele ezinsimbini ezisophahleni lwaleli bhilidi. Bekungenzeka aphelelwe amandla okubambelela bese eshona noma nini.
UKekana uthe abezimo eziphuthumayo abapholisanga maseko bafika ngokushesha endaweni yesigameko.
Ozibonele ngawakhe uBusi Khoza uthe lo mlisa umshiye ehlukumezekile: “Bengihamba nezingane zami futhi lesi sigameko sisethuse sonke. Ngizamile ukuthi izingane zami ezimbili zingamboni lo mlisa kodwa kube nesiphithiphithi zambona.”
Okhulumela abezimo eziphuthumayo e-Tshwane uMnu Charles Mabaso uthe baye endaweni yesigameko bathola indoda enqunu okusolakala ukuthi ibidle izidakamizwa phezu kophahla, isabisa ngokuzigwaza ngebhodlela eliphukile uma kukhona osondela eduze kwayo.
“Omunye wabezimo eziphuthukayo ukwazile ukuncenga lo mlisa ukuthi ehle ngemuva kwehora lesikhombisa ebusuku kanti ube esenikelwa kwabakwa-SAPS,” esho.
Esithombeni esingenhla: Indoda ebifuna ukuzibulala
Umthombo wesithombe: Tshwane Emergency Services.