Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata
Umsebenzi wokuhlenga abafana ababili esikoleni sokusoka esingekho emthethweni eSibangweni ngaseMthatha ube impumelelo.
Omunye wabafana oneminyaka engu-20 usendaweni ephephile. Omunye ubaleke nalo dokotela mbumbulu ngoLwesibili ebusuku. Laba bafana bekuyibona kuphela kulesi sikole esingekho emthethweni.
Emasontweni ambalwa nje kumenyezelwe ukuvulwa kwezikole zokusoka ngoNhlaba ngo-2023, izikole zokusoka ezingekho emthethweni ziyaqhubeka zibeka izimpilo zezingane engozini.
INkosi yendawo iNkosi Jongisizwe Nombengula, esigodini saseNtilini eSibangweni utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uthole ucingo olungaziwa luvela kwisakhamuzi esikhathazekile esihlala endaweni lapho okukhona isikole sokusoka esingekho emthethweni. Lesi sakhamuzi sithe bebebona umfana omncane ehla enyuka bengazi noma usokile yini, kodwa ubebukeka engaphilile.
Balusukumela lolu daba.
“Iphutha esilenzile ukugxila kakhulu kumfana obebukeka engaphilanga futhi elimele, edinga usizo oliphuthumayo.
Ngesikhathi sifika lapho kusokwa khona udokotela mbumbulu ubesebalekile nalo omunye umfana.”
Ngenxa yezibalo zokushona kwabantu esifundeni sase-OR Tambo kusukela ngesizini yokusoka ehlobo ngo-2022, kuye kwacelwa ukuba kuthathwe izinyathelo eziqinile.
Ngonyaka ka-2022, abafana abangu-31,791 benza lolu siko e-Eastern Cape kwashona abangu-22. Kulabo abangu-22, abaningi kwabikwa ukuthi baqhamuka kwisifundo sase-OR Tambo.
Ngokomthetho esikoleni sokusoka kuthathwa abafana abaneminyaka engu-18 kuya phezulu. Iminyaka yomfana ongakatholakali ayaziwa.
“Esikutholile ukuthi unina womfana olahlekile ubengazi ukuthi indodana yakhe iye esikoleni sokusoka esingekho emthethweni,” kusho uNombengula. “Lo umuntu ongeyena ngisho isakhamuzi endaweni yethu futhi uzele ukuzofaka izingane engozini.”
Umbiko mayelana nalesi sigameko ubungakangeni kuSihlalo we-Eastern Cape House of Traditional and Khoisan Leaders iNkosi Mpumalanga Gwadiso, kodwa ngokushaqeka kwakhe utshele i-Scrolla. Africa ukuthi kuyaqala ngqa ukuvela icala elifuze leli esifundazweni.
“Okwenzekile kumele kube isibonelo nakwabanye abafuna ukulingisa lokhu futhi kumele bakhonjiswe ulaka lomthetho. Noma ngubani othanda ukuphula umthetho kuzomele abhekane nomphumela.”
Isithombe esingenhla: Abafana abasesikoleni sokusoka
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe