Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Kuphinde kwaba nesiphithiphithi kumasipala waseNelson Mandela Bay (NMBM) ngesikhathi imeya yawo entsha ibalekela ivoti lokungabethembi ubuholi bayo.
NgoMsombuluko umkhandlu kamasipala waseNelson Mandela Bay bekumele udingide isiphakamiso sokungabethembi ubuholi beMeya uRetief Odendaal, iphini lakhe uMkhuseli Jack kanye noSotswebhu uBill Harrington kodwa ngenxa yesicelo esiphuthumayo sasenkantolo esifakwe u-Odendaal umhlangano uye wahoxiswa.
Ngempelasonto ithimba labammeli baka-Odendaal kanye nabakaSomlomo uGary van Niekerk bamemezele ukuthi isiphakamiso asivumelekile. Lokhu kungenxa yokuthi sifike ngohlelo lwezikhalazo olusayinwe amakhansela amaqembu aphikisayo.
Uhlu lwezikhalazo lusayinwe uVan Niekerk, uzakwabo we-Northern Alliance uStag Mitchell, i-ANC (48), i-EFF (8), i-PAC (1), i-AIC (1) kanye ne-Patriotic Alliance (2).
I-Northern Alliance iyingxenye kahulumeni wobumbano oholwa i-DA kanti ukuvota kweqembu nomfelandawonye oholwa i-ANC kuzosho ukuthi ikusasa le-DA lisenkingeni kulesi sikhundla.
Kuke kwaba nezinkomba zokubhidlika kobudlelwano phakathi komfelandawonye ezinyangeni ezedlule lapho i-Northern Alliance esabise ngokuhoxa kulo mfelandawonye ngoba ibona sengathi ibekwa eceleni ezintweni ezibalulekile.
Imeya ye-DA isho kwividiyo ekhasini layo laku-Facebook ngoMsombuluko ukuthi ngeke iyivumele imizamo yokudala ukungazinzi ezomvimba ekutheni yenze umsebenzi wayo.
Kodwa-ke, izinto zibukeka zizowuhambela kahle umfelandawonye oholwa i-DA kodwa kusazobonakala ukuthi izinkantolo zizokhipha isinqumo esivuna umhlangano womkhandlu yini noma esiphikisana nawo ngoLwesihlanu.
Esithombeni esingenhla: Imeya yaseNelson Mandela Bay uRetief Odendaal
Umthombo wesithombe: Facebook