Kuhlehliswe umdlalo omkhulu we-DStv Premiership ngenxa yokufana komfaniswano obugqokwe amaqembu

Menzi Magubane

Igama elithi-moemish lisho isithutha, isiwula noma ukuganga. Yigama elifika emqondweni uma ngicabanga ngoMarumo Gallants.

NgoLwesithathu oledlule umdlalo we-DStv Premiership phakathi kwaMaZulu ne-Gallants umisiwe ngemuva kwemizuzu eyishumi ngenxa yokungaboni ngasolinye ngemibala yekhithi.

Ukugwema isigameko esinjalo, ngokomthetho amaqembu kumele abe nenye ikhithi uma ehamba. Uhlangothi lwasekhaya nalo kulindeleke ukuthi lube nenye ikhithi. Kodwa i-Gallants ihambe yonke indlela esuka e-Limpopo iya eThekwini  nomfaniswano owodwa –  oshayisana ngombala nezimbangi zabo Usuthu.

Umdlalo udlalwe ngosuku olulandelayo kanti manje i-Gallants izobhekana nekomiti eliqondisa izigwegwe kwi-Premier Soccer League (i-PSL). Usuthu nalo kuzomele luphendule ekomitini lokuqondisa izigwegwe (i-DC) ngokuhluleka ukunikeza i-Gallants omunye umfaniswano webhola.

Womabili amaqembu azophendula ku-DC mhla ziyi-15 kuLwezi. Bangase bathole inhlawulo efinyelela kusigidi esisodwa samarandi ngenxa yezindleko zokuhlela kabusha umdlalo wosuku olulandelayo.

Lesi isigameko sesibili esiyihlazo i-Gallants ezithole ikusona. NgoMandulo bawuqale kabi umkhankaso wabo we-CAF Confederation Cup.

Baye e-Equatorial Guinea nabadlali abayi-12 kuphela, bethi abakwazanga ukubhalisa abanye abadlali kusenesikhathi kulo mqhudelwano njengoba kunabadlali abaningi abangenawo ama-passport.

Angazi noma izikhulu zeqembu aziwazi yini umsebenzi, kodwa yinye into eqinisekile, kunomuntu okumele asukume enze umsebenzi wakhe kulelo qembu.

Mayelana nezincwadi zokuhamba, ngisola abadlali. Ngokubhaliswa kwabadlali kumele imenenja yeqembu ithwale icala ngoba baze ngoNhlaba ukuthi bazobe bebambe iqhaza emiqhudelwaneni ye-CAF.

Bekufanele ngabe kade bayilungisa leyo. Umphathi weqembu kanye nomphathi wemifaniswano nabo banecala ngokwenzeke ngesonto eledlule.

Mhlawumbe inhlawulo noma ezimbili zizobavula amehlo bese bebona ukuthi badlala kuligi ekhokhelwayo. Mayelana namaZulu bekumele akhombise ubuqhawe ashintshe umfaniswano ukuze umdlalo uqhubeke.

Umthombo wesithombe: @Mageba

Izihloko zakamuva