Kuhlehlisiwe ukugcotshwa kweMbube

Sihle Mkhize

ISilo samazulu uMisuzulu kaZwelithini sihlehlise ukugcotshwa kwaso obekumele kube ngenyanga ezayo njengoba iKwaZulu-Natal ibhekene nezikhukhula ezibulale abantu abaningi.

UMntwana uMangosuthu Buthelezi uthe njengoba isizwe sikhala ngokulahlekelwa yimiphefumulo yabantu, imizi nempahla ngenxa yezikhukhula eKZN nase-Eastern Cape bazogxila ekwelapheni nasekuvuseleleni izinto ezilahlekile.

“Kulesi sikhathi sobuhlungu nosizi olumangazayo, iSilo uMisuzulu kaZwelithini sizwakalise ukuthi kuhlehliswe ukubungazwa kokugcotshwa kwakhe,’ kusho uButhelezi esitatimendeni esiyividiyo.

Isikhathi okwagcinwa ngaso ukugcotshwa iSilo samaZulu kwaba ngo-1971 ngesikhathi iSilo esakhothama uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu sithatha ubukhosi, silandela uyise waso uBhekuzulu Bhusha kaSolomon.

ISilo uMisuzulu kaZwelithini sithathe izintambo kumalume waso uMntwana uMcwayizeni obesibambele.

ISilo uZwelithini sagcotshwa sineminyaka engu-21, kanti iSilo uMisuzulu kaZwelithini sithathe izintambo zobukhosi sineminyaka engu-48.

I-Scrolla.Afrika singakudalula ukuthi phakathi kwabantu basebukhosini obekulindeleke ukuthi bathamele lo mcimbi kubalwa iNkosi uMswati III wase-Eswatini, iNkosi uLetsie III wase-Lesotho, iNkosi uMohammad VI wase-Morocco kanye neNkosazane uCharlene wase-Monaco.

Khonamanjalo, uMengameli uCyril Ramaphosa uthe uhulumeni ucele i-Solidarity Fund ukuthi isize enhlekeleleni yezikhukhula eKZN.

I-Solidarity Fund yasungulwa eminyakeni emibili edlule ukuze inikeze usizo kulabo abangakwazi ukubhekana nomvalelo we-Covid-19.

Ukungenelela kwayo akunqunyelwe, ngoba isiza noma ngubani othintekile, kanti uhulumeni usiza kuphela labo okuthiwe yibona abanhlwempu kakhulu

Izihloko zakamuva