Kuhlehle umhlangano amaphoyisa etholana phezulu namakhansela

Lubhalwe nguTladi Moloi

Umhlangano womkhandlu kaMasipala wase-Maluti-a-Phofung, e-Free State uthathe elinye igxathu ngesikhathi amaphoyisa etholana phezulu namakhansela abezama ukuwabopha.

Umhlangano womkhandlu wangoMsombuluko ekuseni ububizwe ukuze kwethulwe isiphakamiso sokungabethembi ubuholi obusha esifakwe i-ANC ngokumelene neMeya yesigungu, uSomlomo noSotswebhu, bonke abangamalungu omfelandawonye oholwa inhlangano yomphakathi i-MAP 16.

Lo mhlangano ubungakamenyezelwa ukuthi usuqalile ehholo i-Phuthaditjhaba Multipurpose ngesikhathi uSomlomo womkhandlu uParatlane Motloung enza isimemezelo esimangalisayo.

Utshele abeze emhlanganweni ukuthi njengoba bebona amaphoyisa afikele ukuzobopha amakhansela amathathu e-ANC abaphethe amawadi ahlukene njengoba besolwa ecaleni lokuntsontshwa komgodi kaMasipala wadayiselwa osomabhizinisi abathile eGoli.

Ngesikhathi amaphoyisa engena ehholo amakhansela asukume abavimba ethi ngeke abophe muntu ngesikhathi umkhandlu uhleli athi awalinde kuze kuphele umhlangano.

Ngaphambi kokuthi kushube amaphoyisa avele aphuma ehholo.

UMotloung uthe wenze lesi simemezelo ngenhloso yokuvimbela amaphoyisa ukuthi abophe amakhansela. Wabe esewuhlehlisa umhlangano.

“Imithetho ejwayelekile isinikeza isikhathi sokuhlela kabusha umhlangano uma kukhona okuphazamisayo, ingakho ngiwuhlehlisile. Ngizobuyela ngiyobheka usuku olulandelayo esizohlala ngalo.”

Uziphikile izinsolo zokuthi umfelandawonye uhlehlise umhlangano ukuze kuphazamiseke iziphakamiso ebezibekwe phambi kwabo ngoba bebengenawo amavoti anele okwehlula iziphakamiso zokungathenjwa.

“Akusilona iqiniso ukuthi besifuna ukuphazamisa uhlelo ngoba asinawo amavoti anele. Ngizobuyela emuva ngibheke izinto eziningi ukuthi iziphakamiso zisamile yini noma kuzomele balethe ezintsha.”

UMnu Mandlenkosi Dlamini onguSotswebhu we-ANC, uthe bashaqekile ngemuva kokubona okwenzekile.

“Inhlangano yomphakathi ibihlele yonke into futhi bebefuna ukubopha amakhansela amathathu ekubeni amabili awo bekumele ethule iziphakamiso,… ngathola umyalezo ngeledlule ovela enombolweni engaziwa ethi kuzoboshwa amakhansela amabili e-ANC nangampela kwacishe kwenzeka.”

UMoeketsi Lebesa onguSotswebhu womkhandlu ugxeke uSomlomo wathi: “USomlomo ubenephutha bekungafanele avumele amaphoyisa ukuthi eze emkhandlwini. Labo bantu bebengenayo incwadi egunyaza ukuthi baboshwe futhi ikhansela alikwazi ukuboshwa endlini yokuhlanganyela umkhandlu njengokusho kwesigaba (71) esikhuluma ngelungelo lomuntu.”

Okhulumela amaphoyisa, uWarrant Officer Mmako Mophiring utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abanalo icala elibhekene namakhansela amathathu.

“Kuzofanele ubheke oKlebe mhlawumbe banalo icala abalibhalisile.”

Okhulumela oKlebe uKaputeni Christopher uthe abazi lutho ngaleli cala.

Izihloko zakamuva