Kuhlehle icala ngenxa yokungaphili kukaRosemary 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Udaba lukaRosemary laqala ukushicilelwa ngomhlaka-27 kuNtulikazi ngonyaka ka-2021.

Ngesikhathi uRosemary Ndlovu eqala ukuphalaza esebhokisini lofakazi ngesonto eledlule icala lakhe kuphoqwe ukuthi lihlehliswe.

NgoLwesibili, owayeyiphoyisa elisolwa ngokubulala umndeni wakhe ulale ebhentshini laseNkantolo ebika ukuthi akaphilile. Kodwa kulokhu iNkantolo ayizange ilukholwe udaba lwakhe kunalokhu icala liqhubekile laqulwa.

UNdlovu usolwa ngamacala amahlanu okubulala nelokuhlela ukubulala. Ukuqulwa kwecala lakhe kuqale ngemuva kwehora kanti eNkantolo bekugcwele amaphoyisa.

Ufakazi wokuqala yilowo osolwa ngokuba inkabi eyathengwa uNdlovu. Utshele iNkantolo ukuthi wahlangana kanjani nomsolwa nokuthi wayefuna abulale udadewabo nezingane zakhe ezinhlanu e-Bushbuckridge, eMpumalanga.

“Wangiyalela ukuthi ngibulale udadewabo ngoba yena wayekweleta umashonisa owayebambe i-BMW yakhe ngesikhathi ehluleka ukukhokha imali ayeyibolekile,” kusho inkabi itshela iNkantolo.

Ngemuva kokuphothula ngengxoxo yabo, umsolwa waqonda esiteshini samaphoyisa e-Tembisa South eyobika uNdlovu.

Ufakazi ongowesilisa okhuluma isiZulu obebukeka enomzimba udalule itulo likaNdlovu lokubulala elinemininingwane eminingi.

“URosemary wanginika u-R500 ukuthi ngithenge utshwala ukuze ngibe nesibindi sokubulala ngishise umndeni wakhe emzini wabo.”

Uthe itulo lokubanjwa kwakhe lalihlelwe amaphoyisa. Yena nabanye besilisa okuhlanganisa nephoyisa elisebenza umshoshaphansi bahlangana noNdlovu esibhedlela i-Carstenhof ngase-Midrand.

“Ngethula iphoyisa elisebenza umshoshaphansi njengozakwethu oyinkabi ngamazisa ngokuthi uRasta.”

URasta wayesewufakile umshini wokuqopha kudeshibhodi wemoto ababehamba ngayo.

Sekuyophela ihora kuqulwa icala kudingeke ukuthi iNkantolo ime njengoba uNdlovu ecele ukucambalala ngoba ubengazizwa kahle.

UNdlovu obegula ubephelezelwa eNkantolo eNkulu yase-Palmridge amaphoyisa alinganiselwa kwayishumi abehlome eyizingovolo.

INkantolo kuphoqe ukuthi ihlehlise kanti izoqhubeka ngoLwesithathu.

Izihloko zakamuva