Dylan Bettencourt
Umsubathi wase-France uWilfried Happio uwine umqhudelwano kazwelonke emizuzwini engu-20 ngemuva kokuhlaselwa.
Lo mdlali oneminyaka engu-23 uhlaselwe ngaphambi komjaho ngokusho konogada okushiye umsubathi ekhwehlela igazi elimele ehlweni.
Ngemuva kwalokhu kuhlaselwa u-Happio ugijime u-400m kowamanqamu wawela umugqa wokuqeda ngaphambi kwesikhathi ebesibekiwe wenza okuncomekayo njengoba ibhande lakhe lasekhanda ubevale ngalo ehlweni.
Nakuba isisusa sokuhlasela singakaziwa uHappio wenqabile ukugxila kulesi sigameko ngemuva komjaho.
“Angifuni ukugxila kulokhu ngikushiye kubantu abafanele. Uma sikhuluma ngomjaho ngisebenze ngokuzimisela ngenza obekufanelekile emzimbeni ngiphilile,” esho ngemuva komjaho.
Umqeqeshi kaHappio u-Olivier Vallaeys okwazile ukudonsa umhlaseli kumsubathi uthe lesi sigameko sishaqise wonke umuntu othintekayo.
“Kuqhamuke owesilisa wambuza ukuthi uyena ngempela yini uWilfried Happio ngemuva kwalokho waziphonsa kuye sekusele imizuzu engu-20 ngaphambi komjaho sishaqekile sonke,” kuchaza umqeqeshi.
“Owesilisa uboshiwe uWilfried uyaphila kodwa ngiphelelwe amazwi futhi lokhu kungenza ngibe nolaka.”
Ngemuva kokunqoba umjaho uHappio uphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane ukuze aphinde ahlolwe.
Ukunqoba kwakhe nokho kuqinisekisa indawo yakhe ku-World Championship ezoba ngenyanga ezayo eMelika.
Umhlaseli uboshwe ngamaphoyisa ase-France kanti i-Athletics Federation ifake isikhalazo.
Umthombo wesithombe: @AFP