Moyahabo Mabeba
UDonald Monyebodi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngemuva kokuthi inkampani yakhe, i-DM Holdings ithole ithenda yokuhlinzeka ngemisebenzi yezokuphepha, abanye osomabhizinisi bendawo abazange bayithathe kahle leyo.
NgoMgqibelo ebusuku, abesilisa abahlanu, okuhlanganisa nephoyisa lomgwaqo, bagasele emzini wakhe ose-Modimolle Extension 10 e-Limpopo.
Omunye wabo ubephethe ummese.
UDonald uthe bamtshela ukuthi wonke amathenda onogada endaweni awabo ngoba bahlangene nosopolitiki futhi banabangani emaphoyiseni.
Uthe oyedwa wabesilisa obephethe ummese uthe akayeke ithenda noma abanike imali engu-R5 000 njalo ngenyanga.
“Ungibeke ummese entanyeni wathi angikhiphe u-R7 000. Ngesikhathi ngimtshela ukuthi anginayo, yena nabangani bakhe bangishaya,” kusho uDonald.
“Ngibatshelile ukuthi imali ngingayithumela ngisebenzisa umakhalekhukhwini wami kodwa umakhalekhukhwini ubukudadewethu. Sahamba sayombheka kodwa umakhalekhukhwini wawusucishile. Lokho kwabathukuthelisa kakhulu.”
UNtsoaki Lekoloane, udadewabo kaDonald, uthe ushaywe ngempama evele yagcwala ubusweni wathi uma efulathela washaywa ngezibhakela emhlane ngomunye wabesilisa.
“Iphoyisa lomgwaqo lithathe umakhalekhukhwini lawushaja emotweni yombuso,” kuchaza uNtsoaki.
“Basiphoqa ukuthi sibanikeze imniningwane yasebhange base bedlulisela imali ku-akhawunti yabo. Babe sebesiphoqa ukuthi sisayine isivumelwano sokuthi sizobanika u-R5 000 njalo ngenyanga,” kuqhuba uNtsoak.
“Ngenxa yovalo sasayina isivumelwano kodwa abazange basinike ikhophi. Kuthe uma siya esiteshini samaphoyisa amaphoyisa avele amanqikanqika ukuvula icala.”
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo UBrigadier Motlafela Mojapelo uqinisekise ukuthi amaphoyisa abophe amadoda amahlanu aphakathi kweminyaka engu-33 nabaneminyaka engu-49 ubudala.
Bavele eNkantolo yeMantshi yase-Modimolle ngoLwesithathu lapho bezofaka khona isicelo sebheyili.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi omunye wabasolwa uyilungu lomnyango wezomgwaqo esifundazweni,” kusho uMojapelo.
Banqatshelwe ibheyili bagcinwa esitokisini