Kubulawe amasosha amaningi ngesikhathi iqembu eliphikisayo lamasosha aseSwazini ligasela ekhempini yamasosha ombutho wezokuvikela izwe ngoLwesibili ebusuku.
I-Swaziland International Solidarity Forces (SASF) ithe njengoba ihlasele ekhempini yamabutho iZibonele MfelaNgudu eNyakatho nesifunda sase-Hhohho ingoba ibiziphindiselela ngemuva kokubulawa kabuhlungu kwamasosha ebulawa amabutho eNkosi uMswati.
Kusolwa amabutho eNkosi kanye nohulumeni wase-Tinkhundla ngokubulala inqwaba yamasosha ngoba nakhu efuna kube khona izinguquko zentando yeningi.
Umholi we-SASF ukuqinisekisile ukuthi ahlaseliwe amasosha ngoLwesibili.
Umsindo wezibhamu oqoshwe bukhoma udluliselwe kwabezindaba.
“Kukhona uhlelo esiza nalo oluzobe luqondene namasosha eNkosi uMswati kuphela, njengoba emasontweni adlule bebegcwele imigwaqo behlukumeza abantu bakithi ngendlela esingakaze siyibone,” kuzwakala umholi esho enkulumeni eqoshiwe.
Besihlale sazi ukuthi ibutho liphakathi kwalabo bantu ababambe iqhaza elikhulu ekubulaweni kwabantu bakithi ngonyaka odlule.
Njengoba sesikwazile ukuqondisa izigwegwe emaphoyiseni, sisemkhankasweni wokwenza okufanayo nasemasosheni.
Sizoqhubeka nokubahlasela, ngenhloso yokwenza lokhu abakwenzayo kubantu bakithi, okuwukubabulala.
Ngesikhathi abezindaba zaseSwazini befuna aphawule u-Lieutenant Tengetile Khumalo okhulumela amasosha, uthe usase mhlanganweni.
Uvumile ukuthi bamthumele uhlu lwemibuzo kodwa akayiphendulanga yonke ngokugcwele.
Abezindaba zaseSwazini banolwazi lokuthi amasosha ase-Swazini afike ngehora lesishiyagalombili ekhempini ase eqala ukuqapha amasosha abehleli etendeni.
Sekuvelile ukuthi bekukhona amasosha amahlanu.
Nakuba umphathi wamasosha ekuqinisekisile ukuthi amasosha abulawelwe etendeni, akukaqinisekiswa ukuthi ashona wonke yini.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa aseSwazini
Umthombo wesithombe: @Swaziland News