Kuhlaselwe amabandla amaKhatholika e-Nigeria

Kamogelo Olaitan

Amabandla amabili amaKhatholika ahlaselwe edolobheni lase-Sokoto e-Nigeria ngempelasonto, kubika abezindaba zase-Nigeria.

Lokhu kuhlasela kwenzeke ngemuva kokuboshwa kwabasolwa kulandela ukubulawa ngesihluku komfundi obengumuKhatholika, uDeborah Samuel. Abasolwa bangamaSulumane.

Ababhikishi bavale imigwaqo ngoMgqibelo, bephethe izingqwembe ezinemiyalezo ehlukene ethi “Sicela, nikhulule abangani bethu”, “Khululani abafowethu, singamaSulumane hhayi amaphekula”, “AmaSulumane akuwona amaphekula”.

USamuel, obengumfundi wase-Shehu Shagari College, kusolwa ukuthi ushaywe ngamatshe waze washona isidumbu sakhe sashiswa, yiqulu labafundi abangamaSulumane. Isixuku besimsola ngokukhuluma inkulumo eyinhlamba ngoMphrofethi uMohammed ezinkundleni zokuxhumana.

Kuphihlizwe amawindi nezicabha zebandla lamaKhatholika i-Holy Fatima kanti nezimoto zamalungu aleli bandla zijikijelwe ngamatshe.

Ababhikishi bacekele phansi impahla yebandla i-St Kelvin Catholic endaweni yase-Gidan Dare bacekela phansi nezitolo ezizungeze ibandla.

Isakhamuzi sakule ndawo, u-Ishaq Abdullah, uthe lo mbhikisho ubunokuthula ekuqaleni kodwa uphendukile waba nodlame.

“Intsha ingene ebandleni yaqala yacekela phansi impahla yacishe yalishisa ngoba ibinamathayi avuthayo ngaphandle kwebandla emgwaqeni kodwa amasosha kanye nomahambanendlwana babavimba,” esho.

UMengameli uMuhammadu Buhari ukugxekile ukubulala wathi akekho umuntu onelungelo lokuzithathela umthetho ngezandla.

“Ukubulawa kwentombazanyana ngabafundi akanye nabo bekuyindaba ekhathazayo. Ngifune ukuthi kuphenywe ngokungakhethi, kabanzi ngakho konke okwenzeke ngaphambi nangesikhathi sesigameko. Udlame alukaze luxazulule noma iyiphi inkinga,” kufundeka umbhalo kaMengameli.

Okhulumela amaphoyisa ase-Sokoto uSanusi Abubakar ukuqinisekisile ukuthi kuboshwe abafundi ababili ngecala lokubulala uSamuel.

USamuel ubekwe endaweni yakhe yokugcina ngoMgqibelo edolobheni langakubo e-Tunga Magajiya.