Kuhlaselwe abezicishamlilo bezosiza

Lubhalwe nguSandiso Phaliso

Abezicishamlilo eKapa baphenduke izisulu zokuhlaselwa okuyingozi okuvela kubantu abebejutshwe ukuthi bazobasiza – ngoba kubukeka sengathi baphuzile ukufika.

Abezicishamlilo base-Kommetjie bebeyocima imijondolo eshayo e-Masiphumelele emaphethelweni aseKapa ngesikhathi behlangabezwa isixuku esithukuthele esiqale ngokubasabisa, sabashaya ngamatshe saphinde sabaphuca amapayipi amanzi ngenkani ngoMsombuluko.

Baphoqeleke ukuthi bahlehle ngesikhathi imijondolo iqhubeka nokusha kanti imijondolo ebingasindiswa ishe yangqongqa.

Ababili kulaba bezicishamlilo balimele bangeniswa esibhedlela.

UMasipala waseKapa usigxekile lesi sigameko. Kodwa kubukeka sengathi izakhamizi zicabanga ukuthi ezikwenzile bekulungile futhi zimile kwelokuthi kuzophinde kwenzeke.

UMomelezi Ntiya uthe abezicishamlilo basatshisiwe baphinde bashaywa ngamatshe ngoba bephuzile ukufika.

“Bathathe isikhathi eside ukufika. Ngesikhathi belapha abakhombisanga ukusebenza ngokuphuthuma kanti abantu bebekhungathekile. Izakhamizi bezifuna ukubhula umlilo zisebenzisa amathuluzi, kwavele kwasuka isidumo,” kusho uNtiya.

“Abantu bakhungathekile ngokungalethwa kwezidingo kanti abezicishamlilo babe izisulu ngenxa yalokho. Asizisoli ngokuthi sibaxoshile ngokuzayo uma bengakhombisi ukuphuthuma sizophinda.”

KuThimna Siphika, umlilo wangoMsombuluko ube yinhlekelele ekabili. Uphinde walahlekelwa yikho konke ngemuva kokuzama ukwakha kabusha omunye umjondolo kulandela umlilo owenzeke emasontweni amathathu edlule.

Yena kanye neminye imindeni engu-400 bahleli emijondolo bakhungethwe ububha njengoba bezabalaza ukwakha kabusha imijondolo yabo ngemuva kokuthi umlilo ushiye abantu abangaphezu kuka-1,500 bengenamakhaya.

USiphika utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngoMsombuluko ulale kamakhelwane.

“Angisazi nokuthi ngizolucela kanjani usizo. Enginakho yilokhu engikugqokile njengamanje, angazi ngenzenjani,” kusho uSiphika.

Okhulumela abezicishamlilo nabatakuli kumasipala waseKapa, uJermaine Carelse utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngesikhathi abezicishamlilo befika bathole kusha imijondolo embalwa.

Kodwa kudingeke ukuthi kubizwe abakwa-SAPS ngesikhathi amalungu omphakathi ezama ukugxambukela emsebenzini wabezicishamlilo besika izintambo, besabisa futhi beshaya izimoto zabo ngamatshe,” kusho uCarelse.

“Kulimale abasebenzi ababili bezicishamlilo baphuthunyiswa esibhedlela. Kube nemibiko yokuphangwa kwempahla endaweni.”

Okhulumela uMasipala uSonica Lategan uthe izinja eziyisithupha zinezibazi zokusha wathi ziyanakekelwa futhi zithathwe abakwa-SPCA.

Esithombeni esingenhla: Izakhamizi zisebenzisa amapayipi amanzi abezicishamlilo eziwathathe ngenkani ukuze zicishe umlilo

Umthombo wesithombe: Uthunyelwe

Izihloko zakamuva