Kuhlangane izihlobo ebezidukelene

Dylan Bettencourt

Ngesikhathi ugogo (78) wase-China ebuza indlela kumuntu ohlanza imigwaqo, ubengalindele ukubona indodakazi yakhe okokuqala ngqa ngemuva kweminyaka engu-24.

Kodwa ithuba lokuhlangana edolobheni elincane lase-China i-Sichuan lihlanganise umama nendodakazi yakhe agcina ukuyibona ngo-1998.

Umama, uCai Youxiu, ubesebenza namaphoyisa ukuze amsize ukuthi athole indodakazi yakhe, uHu Hun – kodwa laba bobabili bahlangane ngenhlahla.

“Bengihlanza phambi kwesango lesikole ngesikhathi kufika isalukazi sizongibuza indlela kanti ngivele ngabona ukuthi ngumama wami,” kusho uHu (46), etshela i-The Cover.

“Bengijabule kakhulu, kodwa akazange angibone ngisho nangemuva kokuthi ngimbize ngoMama.”

Lo gogo uqale wangabaza, waze washayela amaphoyisa ucingo aye aqinisekisa ukuthi ngempela owesifazane abuze kuyena indlela indodakazi yakhe.

Kuthiwa indodakazi yalahlekelana nomndeni wayo ngemuva kokufudukela kwesinye isifundazwe ngo-1999 iyofuna umsebenzi.

UHu akakwazanga ukuxhumana nomdeni wakhe ngemuva kokulahlekelwa iphepha elalinemininingwane yekheli lomndeni wakhe, ngokusho kwe-Red Star.

Indodakazi ibhekane nobunzima obukhulu kakhulu bokuxhumana nomndeni wayo ngemuva kokuphoqeleka ukuthi umndeni wayo usuke endaweni obuhlala kuyo ukuze kwakhiwe isiteshi sikagesi.

“Ngabathumelela izincwadi kodwa zabuyiswa zonke ngoba ikheli elidala lalingasasebenzi,” kuchaza uHu.

“Ngilahlekelwe isikhathi esiningi nomama. Ngiyafunga ukuthi ngizochitha isikhathi esiningi nginaye kusukela manje.”

Umthombo wesithombe: @BusinessInsider

Izihloko zakamuva