Kuhalaliselwa umpetha wesibhakela owayengumlutha wezidakamizwa 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Umpetha osanda kuwina ibhande leKwaZulu-Natal ku-mini flyweight uTheo Mhlungu usefeze isithembiso sakhe sokulisebenzisa ngokugcwele ithuba lesibili alinikeziwe.

Phakathi neminyaka yakhe yobusha, lo mshayisibhakela owayenethalente nowayeyimfundamakhwela wanikezwa ithuba lokuba isihlabani sezwe sakusasa.

Wamele izwe emiqhudelwaneni we-Pan-African. Ngesikhathi engena ohlwini lompetha ngo-2018 waqala ngenkulu inhlokomo waziwina zontathu izimpi.

Kodwa ukuhlala nabangani abangalungile kwenza ukuthi umsebenzi kaMhlungu uthikamezeke.

“Ngangilwa nokuba yisigqila sezidakamizwa. Ngicabanga ukuthi ngangizwana nabangani ababi ikakhulukazi ngesikhathi ngisuka KwaZulu-Natal ngiya eGoli,” kusho uMhlungu etshela i-Scrolla.Africa.

Kodwa abantu abebecija ikhono lakhe eSibongile Boxing Club e-Dundee KwaZulu-Natal bamnxuse ukuthi abuyele ekhaya.

“Ngibonga umqeqeshi uNathi Hlatshwayo obe nengxoxo ende nami nomndeni wami. Ngavolontiya ukuyohlala endaweni yokuhlunyeleliswa kwezimilo ngoba impilo yami yayisiba nzima. Ngathi ngiphuma ngemuva kwezinyanga eziyisithupha bangamukela ngezandla ezifudumele.

“Angikholwa ukuthi ezimpini ezintathu nje kuphela bangenze ngaba umpetha waKwaZulu-Natal,” esho.

“Ngeke ngilivumele leli thuba ukuthi lingiphuthe futhi.”

Ufuna ukuvikela isicoco kabili bese ephinda elwela isicoco sakuleli esiphethwe uBangile Nyangwani wase-Eastern Cape.

UMhlungu uqokwe njengompetha waKwaZulu-Natal ngemuva kokuhlula uSibonelo Masuku waseMgungundlovu ngesibhakela esimlalise phansi emzuliswaneni wesithathu.

Impi yabo ibihamba phambili kulo mqhudelwano obuhlanganiswe i-Mvelo 

Promotions kanye ne-Hle Jobe Promotions e-City Hall eMgungundlovu ngempelasonto.

Umqeqeshi wakhe uHlatshwayo uthe: “Sesiqinisekisiwe njengoba esewine isicoco saKwaZulu-Natal. Usezilungisile izindlela zakhe. Unekusasa eliqhakazile inqobo nje uma ezoqhubeka nokusebenza kanzima uma eziqeqesha.”

Esithombeni esingenhla: UTheo Sanele Mhlungu

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva