Lungani Zungu
U-Inácio Lula da Silva owaziwa ngelikaLula ubuye ngendlela emangalisayo njengoMengameli omusha wase-Brazil.
ULula (77) uba nguMengameli wesi-37 ngemuva kokuhlula uJair Bolsonaro okhethweni obelushubile lobuMengameli e-Brazil. Uwine ukhetho ngo-50.9% ngesikhathi uBolsonato ethola u-49.1% wamavoti.
Kuze kube ngoLwesibili ekuseni, lowo obephikisana noLula ophinde abe umholi wamanje uBolsonaro akavumanga ukwehlulwa.
Ngemuva kweminyaka emine ephethe, uBolsonaro ushiya ubhubhane lwe-Covid-19 lubhubhisile ezweni kanye nokuphika ukuguquguquka kwesimo sezulu. Kuzo zombili lezi zinto wabangela umonakalo ongenakulinganiswa kubantu bakubo kanye nasemhlabeni jikelele.
Balinganiselwa ku-700,000 abantu base-Brazil abashona ngenxa ye-Covid-19, kanti ingeyesibile emhlabeni ngemuva kweMelika.
Ngesikhathi ebukela phansi izifonyo futhi enqaba umvalelo, waqala impi ebuhlungu ehlathini lase-Amazon.
Ukugawulwa kwamahlathi kwanda kakhulu ngaphansi kokubusa kwakhe kangangokuthi izilinganiso eziningi zithi uBolsonato unecala lokusheshisa ukuguquguquka kwesimo sezulu ukwedlula abaholi bangaphambilini emlandweni.
Emkhankasweni wakhe wokucekela phansi ihlathi lase-Amazon ukuze athole inzuzo, yonke imiphakathi yendabuko yaqedwa, izishoshovu zesimo sezulu zabulawa kanye namakhulu ezinhlobo zezilwane zaqedwa.
ULula, ngakolunye uhlangothi ufunge wagomela ukuthi uzovikela leli hlathi waphinde wenza isifungo sokweseka izishoshovu kanye nabantu bomdabu ababeke izimpilo zabo emgqeni wekusasa lomhlaba.
Leli kuzoba ihlandla lesithathu likaLula njengoMengameli. Wasebenza kuleli hhovisi kusukela ngo-2003 kuya ku-2010.
Lesi ngesinye sezibuyekezo ezinkulu emlandweni wepolitiki yomhlaba ngemuva kokuboshwa iminyaka eyisishiyagalolunye ngo-2017.
Ngonyaka olandelayo, ngo-2018 iNkantolo yesiFunda yanyusa isigwebo sakhe saba iminyaka engu-12.
Kodwa-ke waba nenhlahla ngemuva kokuthi inkantolo ephakeme yokudlulisa amacala ihoxise isigwebo sakhe ngo-2019.
Lokhu kusukela ophenyweni lwango-2016 ngezinsolo zokubandakanyeka kwakhe emacaleni amabili elalaziwa nge-Operation Car Wash, elavumbulula inkohlakalo phakathi kwenkampani kahulumeni kawoyela nophethiloli i-Petrobrás nezinkampani eziningi zokwakha.
Osopolitiki base-Brazil nabo babanjwe ngaleli cala lenkohlakalo.
Esitatimendeni uMengameli uCyril Ramaphosa uhalalisele uLula.
Uthe ukubheke ngabomvu ukwakha ubudlelwano obuqinile nohulumeni wase-Brazil manje obungaphansi kobuholi bukaLula.
URamaphosa wengeze ngokuthi elakuleli ne-Brazil basebenzisana emazingeni ahlukene, okuhlanganisa ne-BRICS kanye nezinhlelo eziningi zezwe phakathi kwezifunda kanye nasemhlabeni jikelele.
Esithombeni esigenhla: UMengameli osanda kukhethwa wase-Brazil uLula da Silva