Kugxekwa umkhulumeli we-ANC ngokuthatha imiholo emibili egcwele

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane 

  • UMnuz Fanle Sibisi usahola kumasipala wase-Richmond ngemuva kokuqokwa kwi-ANC.
  • Abantu bendawo abathukuthele bathi akulungile ukuthi idolobha elimpofu likhokhele umuntu onomunye umsebenzi ogcwele.

UMkhulumeli omusha we-ANC KwaZulu-Natal usenkingeni ngokuhola imiholo emibili, owodwa owe-ANC omunye owakamasipala wasemakhaya ompofu.

UMnuz Fanle Sibisi uqokwe njengomkhulumeli we-ANC eKZN ngoNhlolanja ngemuva kokubunjwa kabusha kobuholi okwamenyezelwa nguNobhala Jikelele uFikile Mbalula.

Kodwa phezu kokuba ebambe iqhaza ngokugcwele kwi-ANC, uSibisi akakasuli emsebenzini wakhe omdala wokuba ngumqondisi wemisebenzi yomphakathi kumasipala wendawo yase-Richmond futhi usahola.

Abangaphakathi batshele iScrollla.Africa ukuthi uSibisi uthola imiholo emibili egcwele kanti i-Richmond idonsa kanzima ngokwezimali. 

“Kuyihlazo ukuthi umasipala ompofu njengowethu ukhokhela umuntu oqashwe ngokugcwele kwenye indawo. Kuyichilo lokhu,” kusho umthombo osondelene nomkhandlu.

USibisi, osejwayele ukubonakala noJeff Radebe noMike Mabuyakhulu be-ANC, uyivikile imibuzo ye-Scroll.Africa mayelana nehlazo lemiholo emibili.

Esikhundleni sokuphendula, uvele wabuza wathi: “Oh kulungile. Usebenzela iScroll.Africa? Uhlala kuphi? Ayike, ngizobuyela kuwe.”

Akazange akwenze lokho.

Imenenja kamasipala uBhekani Mswane igeze izandla ngalolu daba, yathi lungaphezu kwamandla ayo.

“Inkontileka yakhe isesigungwini, hhayi kumina. Umkhandlu uhlangana kanye ngenyanga futhi uzodingida lolu daba emhlanganweni olandelayo ozokuba ngoLwesine lokugcina kule nyanga,” usho kanje.

Umasipala wase-Richmond unomlando wepolitiki omude nonodlame. Kwake kwaba yisizinda sombango oyingozi phakathi kwe-ANC ne-UDM ngaphansi kukaSifiso Nkabinde ongasekho.

Manje usubhekene nohlobo olusha lwenkinga – lokukhokhela umholo ophezulu ezikhulwini ezingasawenzi umsebenzi.

Esithombeni esingenhla: Okhulumela i-ANC eKZN uMnuz Fanle Sibisi ekanye noMike Mabuyakhulu. USibisi kuthiwa uyanqaba ukusula esikhundleni sakhe kumasipala.

Umthombo wesithombe: Celani Sikhakhane

Izihloko zakamuva