Kugxekwa umjaho ocindezela aboHlanga

Dylan Bettencourt

UNicholas Dlamini uthi i-Tour de France ithathe igxathu elibuyela emuva ngemuva kokuthi kuvezwe kuleli sonto ukuthi ngeke kube khona noyedwa umgibeli omnyama ozobamba iqhaza emjahweni wakulo nyaka.

UDlamini (26), ube ngowokuqala omnyama wakuleli ukungenela umqhudelwano we-Tour de France nyakenye.

“Kuyinto ephazamisayo impela. Lona ngumqhudelwano wamabhayisikili omkhulu kakhulu emhlabeni. Kodwa kulo nyaka bebengekho abagibeli abamnyama kwi-peloton,” etshela i-Cycling Weekly.

“Ngibone kunesidingo sokuthi ngikhulume ngakho ukuze ngizwe ukuthi abantu bacabangani ngakho.”

UDlamini uthe nyakenye wabona sengathi kunenqubekela phambili.

“Ukubona ukuthi kulo nyaka abekho abagibeli abamnyama njengoba kwakwenzeka phambilini kuyaphoxa futhi kuyigxathu elisibuyisela emuva. Ukusuka manje kuya phambili, kuzokwenziwani ngakho?” esho.

UDlamini uthe inkinga akukhona ukuthi abekho abagibeli abamnyama abanekhono, ukuthi i-World Tour ayenzi okwanele ukubasiza ukuthi bathuthuke.

“Abagibeli bakhona. Bahlezi bekulungele ukuncintisana. Kuyiphupho lawo wonke umuntu ukuba kwi-Tour de France,” esho.

UDlamini wengeze ngokuthi abanye abagibeli bakubonile ukuntuleka kwezinhlaka ezahlukene kanti abanye bakhulumile naye ngalokhu.

“Bambalwa abantu abangibikele ngalolu daba, nakuba bekungakaxoxwa ngakho ngokwanele. Wonke umuntu umatasa uyazibheka, bakhathazeke ngezinkontileka ngemuva kobhubhane kodwa abanye bayakhuluma nami ngalolu daba,” esho.

“Lo mqhudelwano uphuthelwa ithalente eliseqophelweni eliphezulu ngenxa yokungabi bikho kwezinhlaka ezahlukene.”

Uthe ngesikhathi encintisana kulo mqhudelwano wazizwa sengathi uthwele i-Afrika yonke kanye nelakuleli emahlombe akhe.

“Kungcono kakhulu manje ngemuva kokuthi ngibe umpetha ngo-2016.”

Umthombo wesithombe: @Bicycling

Izihloko zakamuva