Everson Luhanga
UMengameli we-ActionSA, uHerman Mashaba, ujoyine iqembu labagxeka uJulius Malema ngokuzithathela umthetho ngezandla ngokuqhubeka nokuhlola izindawo zokudlela zaseGoli eziqasha abaphuma emazweni angaphandle.
UMashaba ongusopolitiki osondelene kakhulu nodaba labokufika ngoLwesithathu ekhuluma ne-Scrolla.Africa uthe “mhla abantu baseNingizimu Afrika bazithathela umthetho ngezandla kuyoba wusuku esibhidliza ngalo leli lizwe njengezakhamizi”.
Izinkulumo kanye nokuhlolwa kwenzeke phakathi kweminye imiphakathi futhi kunovalo lokuthi lokhu kungezwani kuzoholela ekutheni kuqubuke udlame olubhekiswe kwabaphuma emazweni angaphandle.
Amaqembu omphakathi afana ne-Operation Dudula asanda kuxosha abokufika ashisa nemijondolo e-Soweto.
UMashaba unxuse abantu ukuthi bangabi nodlame. “Abantu baseNingizimu Afrika nabakwamanye amazwe abakuleli ngokusemthethweni kumele bahlale ndawonye ngokuthula nokuzwana,” usho kanje.
UMashaba uthe inkinga akubona abokufika kodwa uhulumeni we-ANC “ohlulekile ukulawula nokubhalisa ukuthi ngubani osezweni”.
Ukufika kwabantu bakwamanye amazwe sekuyinkinga enkulu yezepolitiki. Ukuphumelela kukaMashaba okhethweni lwakamuva lohulumeni basekhaya kuvule inkundla yokuthi iqembu lakhe – lifune ukubuyisela bonke abokufika abangenazo izincwadi emazweni abo.
UMalema, ongumholi we-EFF, waba nombono ohlukile ngoLwezi ngesikhathi, efunga egomela ukuthi ngeke aphendukele abokufika base-Afrika ukuze athole amavoti.
Kodwa “ukuhlolwa” okwenzeke izolo kohlu lwabasebenzi ezindaweni zokudlela ezisezindaweni zezitolo eGoli ukuze “kutholwe” isilinganiso sabasebenzi abazalelwa kwamanye amazwe nabasebenzi bendawo, kukhombise ukuphenduka kungazelelwe kwe-EFF.
Ngemuva kokuhlangana nemenenja yase-Ocean Basket e-Menlyn, u-Obakeng Ramabodu we-EFF uthe iqembu “linikeza” indawo yokudlela amasonto amabili ukuthi kuguqulwe isilinganiso salo sabantu baseNingizimu Afrika kubasebenzi abaphuma emazweni angaphandle.
UMashaba uthi azamukelekile izenzo zalabo abahlukumeza amabhizinisi.
Uthe izinhlaka zikahulumeni ezifana neminyango yezabasebenzi nabahloli baqashelwe ukuthi benze umsebenzi walokho abakhokhelwa khona. “Ngeke sivumele noma yimuphi umuntu waseNingizimu Afrika ukuthi azithathele umthetho ngezandla kodwa siyavuma ukuthi basebenzise amalungelo angokomthethosisekelo ukuveza izikhalazo zabo”.
Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezemiSebenzi uThulas Nxesi uthe kumele kubekwe ama-quota kubasebenzi bakwamanye amazwe, futhi kumele kulawulwe ukuqashwa kwabantu abanamakhono amancane.
Osanda kuqokwa njenge-MMC yezokuPhepha koMphakathi eGoli, nowayeyiNhloko yoMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli, uDavid Tembe uthe okwenziwe yi-EFF ngoLwesithathu kubi kakhulu. “Kuyangimangaza ukuthi amaphoyisa aseNingizimu Afrika awazange akuthathele isinyathelo lokhu noma abophe abantu abenza izinto ezingahambisani nomthetho”.
Ugxeke amaqembu afana ne-Operation Dudula, njengoba umholi walo uMnu Nhlanhla Lux esuse abadayisi bokufika erenki yase-Bara njengezigebengu ngeSonto.
I-News24 ibika ukuthi uDudula uhlulekile ukuhlukanisa abadayisi bokufika bakuleli ngakho waxosha nabadayisi abambalwa baseNingizimu Afrika. ULux uhamba esabalalisa ipheshana elithi ngomhlaka-22 kuMasingana usuku lokuthatha izinyathelo mayelana nabokufika.
Abasebenzisa izinkundla zokuxhumana babe nemibono ehlukile ngalokhu okwenziwe i-EFF ngoLwesithathu.
URaymond Suttner owayeyilungu le-NEC ye-ANC ubhale ekhasini lakhe le-Twitter wathi “Izinkulumo zokucwasa abokufika zihlezi ziyimfihlo. Akekho oshoyo ukuthi abasuswe abokufika abahluphekayo (ngoba vele kusuke kungashiwo kulabo abokufika abacebile). I-EFF izicabangela yona yodwa njengoba sebekhohliwe ukuthi bake bashumayela umlayezo omelene nokucwaswa kwabokufika”.
Umcwaningi ozimele uPalesa Morudu Rosenberg ubhale ku-Twitter wathi “kulonyaka umthethosisekelo uyinkinga. Umthetho nawo uyinkinga. Abokufika base-Afrika nabo bayinkinga. Ngibona iphethini lapha. Lokhu kuhlangana kwamaqembu kuzoholela ekutheni kube nodlame. Akekho noyedwa umuntu kwabampofu oyohlomula ngalokho okuzayo”.
Olwela amalungelo abesifazane uNomboniso Gasa uthe uzizwa enamahloni. “Kade ngizama ukuthola igama elizochaza indlela engizizwa ngayo ngokucwaswa kwabokufika kanye nokuhlukunyezwa kwalabo abazibiza ‘ngezizwe zakwamanye amazwe’. Ngabe sengibona ukuthi awekho amagama angachaza lokhu ngaphandle kokukhuluma ngehlazo futhi ngimelane nakho. Okwamanje ngizizwa ngiphoxekile ngenxa yaleli hlazo.