Kugxekwa abeDudula ngokusha kwemakethe

Dylan Bettencourt

Abantu abaphuma emazweni angaphandle abalahlekelwe izitolo zabo ngesikhathi kusha iMakethe yase-Yeoville eGoli babheca amalungu e-Operation Dudula ngecala. 

Umlilo ocekele phansi imakethe ngomhlaka-20 kuNtulikazi ushise izindawo zokudayisa eziningi nabantu basala dengwane bengenawo amabhizinisi. 

Izisulu zithi phambilini i-Operation Dudula ike yasabisa abaqhamuka emazweni angaphandle   abasebenza khona emakethe.

Umnikazi wesitolo uVincent Madu uthe uvuswe izindaba zokuthi kuqubuka umlilo waphuthuma emakethe, kodwa ufike konke sekushile wangakwazi nokusindisa okukodwa.

Ulahlekelwe cishe u-R100,000 wesitoko abezakhele sona iminyaka  eyisithupha edlule etshela i-GroundUp.

UMadu wase-Nigeria ungomunye olahlekelwe ibhizinizi ngenxa yomlilo.

I-Operation Dudula ikuphikile ukuthi kukhona abathintekayo kulo mlilo nakuba bebehlele umbhikisho ngasekuqaleni kwenyanga besabisa abaqhamuka emazweni angaphandle  ngokuphuma emakethe.

UMadu ushade nowesifazane wakuleli futhi useyisakhamuzi ngokusemthethweni kuleli. 

“Wonke umsebenzi wami onzima umoshakele. Basibiza ngokuthi siqhamuka emazweni angaphandle, kodwa abanye bethu bashade nabesifazane bakuleli. 

Ngizowubheka kanjani umndeni wami manje ngemuva kwalesi sigameko.”

“Kuyacaca ukuthi asiphephile. Angazi ukuthi ngiqale kuphi noma ngingacabanga ukuvula kabusha, kodwa ngazi kanjani ukuthi ngeke kuphinde kwenzeke lokhu.”

U-Andrew Mwachukwu naye ongumnikazi wesitolo kodwa oqhamuka e-Nigeria uthe ulahlekelwe isitoko sika-R300,000.

“Ngike ngacabanga ukuvula icala, kodwa ngiyazi ukuthi angeke ngisizakale ngoba thina abaqhamuka emazweni angaphandle asithathelwa phezulu.”

Okhulumela amaphoyisa uMavela Masondo uthe isigameko somlilo asiqinisekiswanga njengoba besaphenya ngalolu daba.

UMgcinimafa Jikelele we-Operation Dudula uKruger Kekana uthe iqembu liziqhelelanisile nalesi sigameko.

“Nangesikhathi sokwethulwa kwethu sikugcizelele ukuthi asinalo udlame futhi asihlangene nepolitiki kanti noma yini esiyenzayo ingaphansi komthetho,” kusho uKekana.

UKekana uvumile ukuthi leli qembu libe nemibhikisho lifuna izincwadi ezigunyaza abakwamanye amazwe ukuthi babe kuleli ngokusemthethweni emakethe.

Umthombo wesithombe: @NewFrame

Izihloko zakamuva