Kugwazwe kwabulawa umfundi waseNyuvesi yase-Venda ngenxa yomakhalekhukhwini wakhe

Elmon Tshikhudo

Ngemuva kokungaphumeleli ezifundweni eNyuvesi yase-Wits, uKone Nevondo wabhalisa eNyuvesi yase-Venda wenza iziqu ze-biochemistry futhi izinto bezimhambela kahle.

Kodwa ngoLwesihlanu ebusuku, uthathe uhambo ngetekisi eliqede impilo yakhe.

Kuthe nje ngaphambi kwehora lesithathu ntambama ngoLwesihlanu, uKone uhlangabezane nesiphetho esibuhlungu ngesikhathi izigebengu zigibela itekisi aligibelile, zamgwaza zamphuca umakhalekhukhwini nesikhwama sakhe sesikole.

Kuqinisekiswe ukuthi useshonile ngemuva kokuthi itekisi ime e-Zwikwengani Cross emgwaqeni u-R524.

Lezi zigebengu zehle zageza izandla zazo ezinegazi empompini nokusolwa ukuthi zishintshane ngezinto zokugqoka.

Kodwa labo abababonile bakwazile ukubakhomba futhi manje bafunwa ngamaphoyisa.

Isidumbu sikaKone besishiywe ku-tarmac hhayi kude kakhulu netekisi.

Okhulumela umndeni wakwaNevune uMfundisi Thivhulawi Nevondo uthe ababulali abasolwayo ngabafana uKone akhule nabo.

“Asikwazi ngisho nokucabanga ukuthi ngabe yini embi ayenza kubo eholele ekubulaweni kwakhe okubuhlungu,” kusho uNevondo.

“Siyajabula ukuthi abantu bakwazile ukubakhomba nokuthi amaphoyisa enze umsebenzi wawo,” esho.

“Manje sesibeke ithemba lethu ezandleni zikaNkulunkulu”.

UNevondo uthe uKone bekunguye yedwa indodana emndenini nokuthi ukushona kwakhe kubathwalise kanzima.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuvulwe icala lokubulala.

“Noma ngubani onemininingwane sicela athinte uDetective Capt  Dzivhani ku-0159617000 noma athinte i-crime stop ku-0860010111,” esho.

Izihloko zakamuva