Dylan Bettencourt
Kuguqulwe ukuvinjelwa komlandeli we-Manchester United obevinjelwe ukuya kunoma yimiphi imidlalo e-Old Trafford ngemuva kokusolwa ngokuhlukumeza ngokobuhlanga, ngemuva kokuthi ikilabhu limphambanise nomuntu okwenzile ngempela.
Iqembu le-Manchester livimbe abalandeli abayisithupha ngoMbasa kulo nyaka ngemuva kokuthi uSon Heung-Min we-Tottenham Hotspurs, ehlukunyezwe ngokobuhlanga ngesikhathi i-United inqoba ngo 3-1.
Abathathu abanegunya lokubukela yonke imidlalo kule sizini, amalungu amabili ekilabhu kanye nesivakashi esisodwa bavinjelwe e-Old Trafford kulandela ukuhlukumeza okusolakala ukuthi kwenzeka.
Omunye walabo abavinjelwe usekhululiwe, ngemuva kokuthi ikilabhu ithole ukuthi uRyan Butler wayengeyena umuntu owenza nanoma yikuphi ukuhlukumeza ngokobuhlanga okubhekiswe kuSon.
UButler utshele i-Belfast Telegraph ukuthi le kilabhu ayiziphendulanga izingcingo zakhe kanye nama-imeyili akhe cishe izinyanga ezimbili, kanti ngaleso sikhathi owesilisa wase-Ireland ubenezikhalazo ezimbili ezinqatshiwe mayelana nokuvinjelwa.
UButler uthe ngaleso sikhathi wayekhathazekile ngokuthi inkampani asanda kuqala ukuyisebenzela izomxosha ngenxa yezinsolo abhekene nazo.
Ngenyanga edlule, ukuvinjelwa kukaButler kususwe yile kilabhu.
“Kulokhu, ngokudabukisayo senze iphutha, futhi ukuvinjelwa kuhoxisiwe. Siyaxolisa kuMnu uButler,” kubhala iqembu esitatimendeni esikhiphe kulandela ukuhoxiswa kokuvinjelwa.
“Sithatha izinyathelo ezinengqondo ukuqinisekisa ukuthi bangobani labo abasolwa ngokuhlukumeza futhi wonke umuntu ovinjelwe unelungelo lokudlulisa icala,” kuqhubeka.
Lesi sitatimende siqhubeke sathi bayaqhubeka nokusebenzisana nezinkundla zokuxhumana ukuze kususwe noma yiluphi uhlobo lokuhlukumeza ngokobuhlanga ezinkundleni zokuxhumana futhi kuzokwenza abantu baphendule ngezenzo zabo.
Kodwa-ke, uButler akazange ajabule kakhulu ngempendulo yeqembu, uthe kuthathe ikilabhu isikhathi eside ukubhekana nale nkinga.
Uqhube wathi ngeke esakwazi ukuxhasa ikilabhu ngendlela efanayo futhi.
I-United inikeze uButler amathikithi amabili njengesinxephezelo ngokumsola ngokubandlulula.
Umthombo wesithombe: @ 90Min