Kugule abafundi ngemuva kokudla amasi okusolwa ukuthi abesonakele

Zukile Majova

Kulashwe abafundi  abangaphezu kuka-120 ngabezimo eziphuthumayo  esikoleni samabanga aphansi i-Kamvalesizwe, e-Kenton-On-Sea, e-Port Alfred ngemuva kokudla amasi okusolakala ukuthi abesonakele.

Amasi ukudla okuphambili e-Afrika kodwa kufanele ahlale agcinwe esesimweni esikahle ngaso sonke isikhathi ngoba uma kungenjalo kungathi uma uwadla ukhishwe isisu.

Abahlengikazi nabezimo eziphuthumayo kudingeke ukuthi balwe nequlu labazali abaphuthume esikoleni ngemuva kokuzwa ukuthi kwenzekani.

Abanye babazali badinwe bagana unwabu abanye bakhala ngesikhathi bebona izingane zabo zilayishwa kuma-ambulensi esikoleni.

Abafundi kuthiwa bakhononde kothisha ngokuthi ukudla kunephunga elingajwayelekile kodwa kwathiwa abaqhubeke nokudla.

UMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape ukuqinisekisile ukuthi wazisiwe ngalolu daba wathi kusaphenywa.

Isishoshovu samalungelo ezingane uPetros Majola, weKhula Community Development Project e-Eastern Cape, uthe abantu abaphakela izingane  bathenga ukudla okuningi ekubeni bengenawo amagumbi abandayo okugcina ukudla isikhathi eside.

“Ngicabanga ukuthi kumele kube nezindlela zokuhlola ukudla njalo ezikoleni ukuqinisekisa ukuthi izingane zethu zithola ukudla okunempilo.

“Ngiyazi ukuthi othisha baziqaphe ngeso lokhozi izinsuku zokuphelelwa isikhathi ekudleni, kodwa amazinga okushisa ahlukene kanti okunye ukudla kuvame ukubola ngaphambi kokuphelelwa isikhathi,” kusho uMajola. 

“Ngiyalwazi uhlobo lwentukuthelo olungadalwa ilesi simo kodwa ngicela abazali behlise imimoya,” kushweleza uMajola.

Uhlelo lokuphakelwa kwezikole lusiza uhulumeni  ukuqinisekisa ukuthi abafundi abavela emindenini empofu okungenani bayakuthola ukudla okukodwa ngosuku.

Izigidi zezingane ziya ezikoleni ngaphandle kokudla kwasekuseni futhi ziyahluleka ukufunda uma zingadlile.

Izihloko zakamuva