Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa amathathu kuphela abesebenza esiteshini samaphoyisa e-Verulam KwaZulu-Natal ngesikhathi egetshengwa iqembu lezigelekeqe ngeSonto.
Kucelwe inkampani yonogada ezimele i-Reaction Unit South Africa (Rusa) ukuthi isize ukuthungatha abasolwa abebehlomile abagebenge isiteshi samaphoyisa.
Amaphoyisa afike emsebenzini ngoMsombuluko ekuseni ashaqeka ngesikhathi ethola ukuthi amanye amahhovisi esiteshini akhombisa ubufakazi bokuthi agqekeziwe.
Izigebengu zigqekeze emahhovisi abaphathi, awezokuxhumana nehhovisi elibhekelele ukukhishwa kwamathenda.
Kubikwa ukuthi kuntshontshwe inqwaba yezinto ezibalulekile kuwo womathathu la mahhovisi.
Kodwa-ke, amaphoyisa abike ukuthi abasolwa bathathe isiphephetha-moya, izinto zokubhala kanye nezintambo zikagesi kuphela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshunda usiqinisekisile lesi sigameko. Uthe amaphoyisa ase-Verulam aphenya icala lokugqekeza ngemuva kwezinsolo zokugqekeza amahhovisi esiteshi samaphoyisa e-Verulam ngeSonto.
“Izicabha zamahhovisi ziphukile kwebiwa ifenisha, izinto zokubhala kanye nezintambo zikagesi,” esho.
Akusona isigameko sokuqala esifanayo ukwenzeka kulesi siteshi.
NgoNtulikazi nyakenye, kwebiwa imoto yamaphoyisa kusona lesi siteshi.
Le moto yatholakala edolobheni kulendawo ikhishwe umsakazi kwathathwa nesondo.
Iveni elalebiwe le-Isuzu, elaliboshwe amaphoyisa esiteshini esifanayo liphinde lantshontshwa kuso lesi siteshi. Inkampani yonogada ezimele ithole imoto ngemuva kwesonto eMhlasini.
Esithombeni esingenhla: Izimpawu zokugqekeza esiteshini samaphoyisa e-Verulam KwaZulu-Natal.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe