Kugqashuka igoda kuBilliat neChiefs

Lubhalwe nguMichael Madyira

Kubukeka sengathi inkontileka yeminyaka emihlanu kaKhama Billiat neKaizer Chiefs isifike emaphethelweni ngemuva kokunikwa kwejezi lakhe uTebogo Potsane osanda kusayina eqenjeni.

Amakhosi amemezele ngesonto eledlule ukuthi abhekene nobunzima bokuthola umdlali odabuka e-Zimbabwe oshiye phansi izingxoxo nabo.

Isivumelwano sokugcina sikaBilliat neChiefs siphele mhlaka-30 kuNhlangulana kanti izingxoxo zenkontileka entsha nazo sezifadabele.

I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-32 wenqabile ukuncishiswa komholo wakhe ngo-40%.

Okhulumela iKaizer Chiefs, uVina Maphosa ubematasa ngesikhathi ethintwa ukuze aqinisekise ngokusemthethweni

isiphakamiso sokwehliswa kweholo lalo mdlali.

I-ejenti kaBilliat, uGodfrey Bakasa uthe sebebheke amathuba kwezinye izindawo.

“Akukho okusha okwamanje; kodwa sisaphothula izinto ezimbalwa futhi sizozibuyekeza ngokuhamba kwesikhathi,” uBakasa etshela i-Scrolla.Africa.

Imithombo esondelene noBilliat ithi lo mgadli uzizwe engahlonishwa ngesicelo seChiefs.

Bathi lo mdlali ubezimisele ngokuqhubeka e-Naturena kodwa izimo ezikhona ziphoqa ukuthi abheke engxenye.

Kodwa uphoqeleke ukuthi amise izingxoxo zenkontileka ngemuva kokuthi iChiefs iphikelele ngesicelo sayo sokunikeza ijezi lakhe uPotsane osanda kusayina eqenjini.

Owayengumdlali weMamelodi Sundowns neBidvest Wits, u-Alois Bunjira ubengathanda ukubona uBilliat ehlala kuChiefs.

“Izingxoxo ezangaphakathi eqenjini. UKhama ngumfana wami. Ngingathanda ahlale kuChiefs,” kusho uBunjira

etshela i-Scrolla.Africa.

“Banezizathu zabo beneqembu ngokwenzekile yize bengingathanda ukumbona eqhubeka nokudlala eqenjini.

“Angikugqugquzeli ukushiya kuChiefs. Eminyakeni yakhe iChiefs iyanakekelana uma usuthatha umhlalaphansi. Angizange ngikuthande okwenzeka [kuWillard] Katsande.

“Ngingathanda ukubona uKhama ethatha umhlalaphansi kuChiefs kunokudlalela AmaZulu, i-Royal AM nanoma yiliphi elinye iqembu.

Njengoba uBilliat echithe imidlalo yokuqala yokulungiselela isizini kuChiefs futhi sekusele amasonto ambalwa ngaphambi kokuthi kuqale i-Premier Soccer League, uBunjira ubona sengathi sisekhona isikhathi sokuthi iqembu nomdlali balungise izingxoxo.

“Ngingathanda ukubona [iChiefs noBilliat] bexoxisana balungise izinto,” kwengeza uBunjira.

“Noma ngicheme nomdlali kodwa ngiyalinxusa iqembu ukuthi lihlangabezane nezimfuno zomdlali. ibhola aligcini nje ngokubaluleka enkundleni kuphela.

“Okulethwa uKhama eqenjini kanye nokumaketha nokwesekwa i-Zimbabwe kukhulu. I-Manchester United ikwenzile lokho ngoBenni McCarthy noQuinton Fortune futhi banezigidi zabalandeli baseNingizimu Afrika.”

Njengamanje iChiefs ikhempe e-Rustenburg kanti uBilliat uziqeqesha yedwa e-Gauteng.

Esithombeni esingenhla: UKhama Billiat

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva