Kugqame uPhiwokuhle kwi-KZN Sports Awards

Linda Ximba

UPhiwokuhle Mnguni udle umhlanganiso emcimbini wezindondo zezemidlalo KwaZulu-Natal ngoMgqibelo ebusuku.

Lo mshayisibhakela owine indondo yethusi kuma-Commonwealth Games uhlomule ngezindondo ezimbili eye-Sports Personality of the Year neye-Sportswoman of the Year eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.

UMnguni ongowokuzalwa eDundee uhambe no-R100 000 kanye nemoto entsha ceke.

“Ngisho nasemaphusheni ami amakhulu angikaze ngicabange ukuthi ngingafinyelela kuleli zinga. Ngibonga abaqeqeshi bami, umndeni kanye nabezindaba ngokungeseka okungapheli unyaka wonke,” kusho lo mshayisibhakela (21).

Usegxile emidlalweni yase-Afrika yokuhlungela ama-Olympics azoba e-Paris ngo-2024.

U-Amanda Bani-Mapena onguNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal ephawula ngempumelelo kaMnguni uthe: “Ukhombisile ukuthi kungenzeka. Yingakho ngithe enkulumweni yami lezi izihlabani zezemidlalo ezibambe iqhaza elikhulu kwezemidlalo KwaZulu-Natal lapho abantu abasha nabasafufusa bethola khona ugqozi.”

UMoruti ‘Babyface’ Mthalane osethathe umhlalaphansi ongumpetha wesibhakela emhlabeni wonke uthole indondo ye-MEC Lifetime Achievement.

UMthalane (40) owayengumpetha we-International Boxing Federation (IBF) ne-International Boxing Organisation (IBO) flyweight ushiye phansi esibhakeleni ngemuva kokuhlula umshayisibhakela wase-Philippines uDiomel Diocos eMgungundlovu ngeSonto eledlule.

Isikhulu seLudonga Boxing Promotions uThulani Magudulela odlule emhlabeni ngenxa ye-Covid-19 ngoNhlolanja nyakenye uthole indondo ye-MEC Special Award.

Owayengumdlali wasesiswini weBanyana Banyana uMakhosi Luthuli naye uthole indondo ye-MEC Special Award. ULuthuli washona ngenxa yesifo mdlavuza ngoLwezi ngo-2020.

Khonamanjalo, i-Richards Bay FC yaseMhlathuze esanda kungena kwi-DStv Premiership iwine indondo ye-Team of the Year. Yize bengabadlali abasafufusa bamangaze abaningi kanti lokho kufakazelwa ukuhlala kwabo endaweni yesibili njengoba sebedlale imidlalo eyishumi kuze kube manje kule sizini.

Izihloko zakamuva