Kugqama ukuntuleka kwabadlali baseMzansi ku-Uefa Champions League 

Lubhalwe nguMichael Madyira

NgoLwesibili kusihlwa, umdlali webhola waseNingizimu Afrika ungene enkundleni yebhola evulekile endaweni encane enezintaba yase-San Marino. 

Bekuwumdlalo wokuqala we-Uefa Champions League phakathi kosokhaya i-Virtus nezinkunzi zase-Romania i-FCSB. 

Umdlali okukhulunywa ngaye nguSiyabonga Ngezana odlala emuva kuBafana Bafana. 

Lo mdlali owayengumdlali wasemuva kuKaizer Chiefs udlale imizuzu engu-45 ngesikhathi ezakhe zishaya iqembu lasekhaya ngo 7-1. 

Lokho kunikeza i-FCSB inzuzo enkulu uma isingena emlenzeni wesibili. Uma idlulela emzuliswaneni olandelayo, izotholana phezulu neqembu lakwa-Israel i-Maccabi Tel Aviv. 

Abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika bavuke bexoxa ngomdlalo wokuqala kaNgezana ku-Champions League futhi impela, ufanelwe ukubungazwa. 

Kodwa ukubhekisisa kulokhu kukhombisa ukuthi lo mdlali wasemuva usivezele ukungabikhona kwabadlali baseNingizimu Afrika ku-Champions League. 

Ngasekuqaleni kweminyaka yango-2000, uMzansi ubuzishaya isifuba ngabadlali abaningi abangenela lo mqhudelwano ohlonishwayo. 

Owagqama kakhulu uBenni McCarthy owasiza i-FC Porto yanqoba isicoco se-Champions League ngo-2003-04, kwathi uLucas Radebe wafinyelela kowandulela owamanqamu ngesizini ka-2000-01 ne-Leeds United. 

Abanye baseNingizimu Afrika abazoziqhenya ngabadlali babo kulo mqhudelwano kubalwa uQuinton Fortune, uSteven Pienaar, uHans Vonk, uPierre Issa, uMacBeth Sibaya, uJacob Lekgetho, uNasief Morris noGeorge Koumantarakis. 

Isizukulwane samanje sabadlali bebhola okukhona kubo uPercy Tau, uThulani Serero noDino Ndlovu, baveze amakhono abo kweyamaqoqo. 

Ezweni elibusiswe ngethalente elichichimayo, uMzansi ufanele ukuba nabadlali abaningi kulesi sigaba sebhola. 

UNgezana akakaqinisekiswa ukuthi ngabe uzodlala yini esigabeni samaqoqo ku-Champions League ngenxa yokuthi i-FCSB isabambe iqhaza emizuliswaneni yokuqala. 

Mhlawumbe osemusha uShandre Campbell naye uzobonakala kuleso siteji ngokuzayo ne-Club Brugge yase-Belgium. 

Osesithombeni ngenhla: USiyabonga Ngezana (ongemuva ongowesibili ukusuka kwesokudla) ulandelana nozakwabo be-FCSB ngaphambi komdlalo wabo we-Uefa Champions League ne-Virtus.

Umthombo: FCSB

Izihloko zakamuva