
Linda Ximba
Kugqabuka igoda komaskandi abadumile aseke bawina izindondo uShwi noMtekhala.
Lokhu kuqale ukuvela ngesikhathi uShwi ogama lakhe langempela kunguMandla Xaba ebonakale ecula yedwa emcimbini eyahlukene muva nje.
UZwelenduna Magubane, odume ngelikaMtekhala, uyalele abaculi abaseka iqembu ukuthi bangezi emcimbini ngoba ekholwa ukuthi bakhokhelwe imali encane yokunandisa.
“Esinye sezizathu ezenza uMtekhala angajabuli ukuthi umphathi wabo uBongani Manyathi wenze isivumelwano neSiginci Media sokudayisa umculo wabo kwi-inthanethi ngesikhathi somvalela ndlini,” kusho umthombo osondelene nalabaculi bobabili.
“Wazizwa ebukelwa phansi ngoba akuzange kukhulunywe naye kodwa uShwi wavuma kumphathi.
Ukholelwa ukuthi ikhona imali ekhiqizwe ngaleso sivumelwano esiku-inthanethi kodwa akazi ukuthi imalini abayenza.”
UMtekhala uqinisekise i-Scrolla.Africa ukuthi kunezinkinga phakathi kwabo bobabili. “Kungani umphathi enze isivumelwano nenye inkampani ekubeni sinenkampani yethu i-Mtekhala neShwi Music Entertainment. Angikwazi ukusonga izandla uma ngizizwa ngithathelwa phansi,” kusho uMtekhala.
UManyathi uthe usezame kaningi ukuthi abaculi bathelelane amanzi futhi bacacise ngokwahlukana kwabo kodwa uyehluleka.
“Nginqume ukuhlukana nabo ngibheke abanye abaculi engizosebenza nabo,” kusho uManyathi.
UCelimpilo Manyathi weSiginci Media uphikile ukuthi inkampani yakhe ithathe imali eyenziwe ngokuthengisa umculo wabo kwi-inthanethi.
UShwi noMtekhala baqopha umlando kumaskandi ngesikhathi icwecwe labo elithi Wangisiza Baba lidayisa amakhophi angaphezu kuka-75 000 ngonyaka ka-2004. Icwecwe labo elithi Angimaz’ubaba selidayise amakhophi angu-200 000.
Sebehlomule ngezindondo ezimbili kuma-South African Traditional Music Awards (Satma) emkhakheni we-Best Song of the year nowe-Best Selling Album.