Dylan Bettencourt
Owesifazane wase-Japan uKane Tanaka, omdala kunabo bonke emhlabeni, ushonile.
UTanaka wazalwa mhla zimbili kuMasingana ngo-1903 futhi ubenethemba lokuphila aze afike eminyakeni engu-120 kodwa ngeshwa kuqinisekiswe ukuthi udlule emhlabeni ngomhlaka-19 kuMbasa.
Ngo-2019, i-Guinness World Records yaqinisekisa ukuthi uTanaka ungumuntu omdala kunabo bonke abaphilayo.
Imibiko yendawo iveze ukuthi umama wezingane ezinhlanu ushonele esibhedlela esisedolobheni lase-Japan i-Fukuoka.
Bekungekho zimfihlo ngempilo ende kaTanaka, empeleni wenze okuphambene nalokho odokotela abatusa ukuthi kwenziwe ukuba nempilo ende njengoba izinto ayezikhonzile bekuwushokoledi neziphuzo ezinoshukela.
I-Guinness World Records ikuqinisekisile ukushona kukaTanaka futhi yathi “ungumuntu wesibili omdala kunabo bonke abake baqoshwa ngemuva kukaJeanne Calment owaphila waze wahlanganisa iminyaka engu-122.”
UTanaka ubengomunye wezingane eziyisishiyagalombili futhi ngemuva kokushada ngo-1922, waba nezingane ezine wabuye wathola eyesihlanu.
Ngisho nangesikhathi eneminyaka engu-119, uTanaka ubesasengumqemane, evuka ngo-6 ekuseni nsuku zonke ukuze adlale umdlalo webhodi le-Othello kanye nokufunda izibalo.
I-Covid-19 ivimbele uTanaka ukuthi abambe iqhaza emdlalweni we-torch relay kuma-Olympics ase-Tokyo nyakenye.
I-Japan, eyaziwa ngokuba nabantu abambalwa abaneminyaka eyikhulu, iye yabona lelo nani lehla eminyakeni yakamuva. Izwe belinabantu abangu-86,510 abangaphezu kweminyaka engu-100 ngoMandulo odlule.
Abayisishiyagalolunye kwabayishumi kwabaneminyaka eyikhulu bekungabesifazane.
Ucwaningo olwenziwa ngo-2020 lwabonisa ukuthi cishe u-28.4% wabantu base-Japan babengaphezu kweminyaka engu-65.
Isizwe sizobe sizilile ngemuva kokulahlekelwa ngomunye wabo odumile obeneminyaka eyikhulu obesematheni iminyaka eminingi.
Umthombo wesithombe: @WallStreetJournal