
Kamogelo Olaitan
Igodukile induna yaseNigeria u-Imam Adam Tahir eshone ngoLwesithathu.
UTahir we-Kafanchan Central Mosque ushone ngemuva kokugula.
Iphephandaba i-Premium Times libike ukuthi ubeseneminyaka engu-130.
Uma beqinisekisile ngeminyaka yakhe, okusho ukuthi uyena umuntu omdala kunabo bonke abake baphila.
Uthathwa njengomholi wamaSulumane omdala kunabo bonke ezweni, kanti futhi ushiye emhlabeni izingane ezingu-26, abazukulu abangu-290 nesizukulwane esingu-200.
IPhini lika-Imam, we-Kafanchan Muhammad Kassim lithe u-Imam ongasekho uzokhunjulwa kakhulu ngamakholwa amaSulumane njengoba ebeyisibonelo esihle.
U-Emir wase-Jema’a, uMuhammad Isa Muhammad uncome u-Imam njengomunye wamakhosi e-Jema’a, ngamagalelo akhe.
Ubuye wachaza ukushona kwakhe njengokulahlekelwa okukhulu kuma-emirate nakubantu base-Kaduna State.