Kugobhoze igazi kubungazwa usuku lokuzalwa

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Umcimbi wosuku lokuzalwa uphele ngokuchitheka kwegazi ngesikhathi kudutshulwa kwabulawa abantu abayisishiyagalombili KwaZakhele, e-Gqeberha e-Eastern Cape ngeSonto ebusuku.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi abane abalimele baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole ukwelashwa. UKhomishana wamaphoyisa e-Eastern Cape uJenene Nene Nomthetheleli usigxekile lesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Priscilla Naidu, uthe uphenyo lokuqala luveze ukuthi umnikazi womuzi ubegubha usuku lwakhe lokuzalwa ngesikhathi ababili abakade behlomile abangaziwa  bengena egcekeni emgwaqeni kuMakanda KwaZakhele phakathi kuka-5:15 no-5:30 ntambama badubula bebhekise kubantu abakade bemenyiwe. 

“Abantu abayisikhombisa (abesifazane abathathu nabesilisa abane) bashonile  kwathi abesifazane ababili nabesilisa ababili abathole amanxeba okudutshulwa baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole ukwelashwa.

“Oyedwa wabashonile ushonele esibhedlela nokwenza isibalo sabashonile safinyelela kwabayisishiyagalombili. Umnikazi womuzi ubephakathi kwabo,” kusho uColonel Naidu.

Uthe amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa kanti uphenyo lwamacala ayisishiyagalombili okubulala namathathu okuzama ukubulala luyaqhubeka. Akekho osaboshiwe okwamanje.

Amaphoyisa acela noma ngubani ongahlonza izisulu, umkhondo wabasolwa, noma onolwazi ngabasolwa ukuba athinte umseshi uKaputeni Sitole ku-082 457 2812 noma asithinte ku-CrimeStopku-086 00 10111.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele kanye noKhomishana kazwelonke uJenene Fannie Masemola bavakashele endaweni yesigameko.

Izihloko zakamuva