Kugobhoza igazi ehostela laseTembisa 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Kudutshulwe kwashona abantu abayisikhombisa kwathi abanye  abayisikhombisa baphuthunyiswa esibhedlela ngenxa yokulimala.

Ihostela laseTembisa elidume kabi e-Ekurhuleni seliphenduke inkundla yempi lapho okuchitheka khona igazi kanti lokho kuletha ukuhlala ngokwesaba nokungakhululeki, okushiye izakhamuzi zithukile zifuna ukuvikelwa iziphathimandla. Abanye babalekile ukuze basindise izimpilo zabo.

Lesi sigameko sempi sesidonse amehlo amakhosi nezinduna, kanti amaphoyisa azama ukulamula lezi zinhlangano ezimbili ezilwayo.

Imithombo ekuleli hostela itshele i-Scrolla.Africa ukuthi lezi zimpi zidalwe ukungaboni ngaso linye phakathi kwabantu abadabuka eMsinga naseNquthu KwaZulu-Natal.

Kodwa abaholi bendabuko bathi ukungezwani kudalwa izigebengu.

Ekhuluma ngaphandle kwehostela ngemuva komhlangano ngeSonto, uSihlalo wamahostela e-Ekurhuleni uKusakusa Gabela uthe: “Isimo sibukeka sehlile ngemuva komhlangano obusedolobheni laseGoli nabaholi bomdabu esigcemeni saseMzinyathi KwaZulu-Natal. Babalelwa kwabayisikhombisa abantu asebebulewe kuze kube manje.”

USihlalo wezinduna eTembisa, uMnu Siphiwe Mhlongo uthe: “Impi phakathi kweNquthu noMsinga igqugquzelwa kakhulu ozamazama kanye nokushayisana embonini yamatekisi.”

UNdunankulu wesizwe saseMabomvini eMsinga uMzobanzi Ngubane uthe: “Eqinisweni impi ayifaki abantu baseNquthu naseMsinga, ingezigebengu kulokhu.”

IMeya yesifunda eMzinyathi uMnu Petros Ngubane uthe: “Osomabhizinisi bakhathazekile ngokuthi le mpi ingase iphazamise umnotho eMzinyathi. Ngisho neNdlunkulu kaZulu ikhathazekile kakhulu.  

Okwenzeke ngoMgqibelo ngomhlaka-27 kuNdasa ngo-2023

Abantu abayisithupha badutshulwe abantu abakade behlomile abangaziwa abavulele ngenhlamvu ngesikhathi behleli ngaphandle kwase-Block K. 

Kushone oyedwa endaweni yesigameko kanti abahlanu balaliswe esibhedlela ngenxa yokulimala kulokhu kudubula.

NgeSonto ngomhlaka-28 kuNhlaba ngo-2023

Kudutshulwe kwabulawa owesilisa ehostela phakathi kukaBlock W no-Y.

NgoMsombuluko ngomhlaka-29 kuNhlaba ngo-2023

Owesilisa (32) udutshulwe wabulawa kanti umfowabo ukwazile ukubaleka engenamyocu.

Lesi sigameko sokudubula sidale ukuthi kungenelele umphathi wamaphoyisa eTembisa South, uColonel Nthipe Boloka ukuze ahlangane nezinduna zasehostela.

Kulo mhlangano izinduna zitshele abe-SAPS ukuthi umbango uphakathi kwamaqembu amabili abantu baseMsinga naseNquthu KwaZulu-Natal.

Nokho ubuholi basehostela abuzange busho ukuthi yini imbangela yombango.

Bezama ukunqanda ukuchitheka kwegazi, kubizwe amaphoyisa avela eziteshini ezingomakhelwane ukuba azoqapha isimo. Amaphoyisa amabili akwaNyala atshalwe ngaphakathi nangaphandle ehostela okwenze abanye abantu baphume bahambe beyofuna indawo yokulala nabangani noma izihlobo.

NgeSonto mhla zizine kuNhlangulana ngo-2023

Izinduna eziqhamuka ezindaweni ezahlukene e-Gauteng naKwaZulu-Natal zifike ehostela laseNhlazeni zizolamula ukuthula phakathi kwalezi zinhlangano.

NgoLwesibili mhla ziyisithupha kuNhlangulana ngo-2023

Izikhulu zamaphoyisa ase-Gauteng agasele kuleli hostela.

Esitatimendeni okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Dimakatso Nevhuhulwi uthe ukugasela kwabo kungeminye yemisebenzi eminingi eyenziwa izikhulu.

“Amaphoyisa abambisene nezinhlaka ezahlukene zomthetho nezinkampani zonogada ezizimele ngohlelo lwe-Eyes and Ears (E2) ngenhloso yokugxiviza igunya lombuso nokuqinisekisa ukuphepha emiphakathini yase-Gauteng,” kusho uNevhuhulwi.

Izihloko zakamuva