Kugadle kwazwela kakhulu ukungabi bikho kwamanzi ezagugeni Ekurhuleni 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamizi zase-Ekurhuleni zidinwe zigane unwabu ngemuva kokungaphumi kwamanzi kompompi bazo kusukela ngoLwesihlanu ekuseni ngenxa yomsebenzi wokulungisa ingqalasizinda oqhubekayo e-Rand Water.

Ezindaweni eziningi, abantu bama olayini abade ngenxa yokufuna amanzi emalolini ahlinzeka ngamanzi ezindaweni eziseduze.

Abantu abahola impesheni abahlala bodwa bahlukumezeke kakhulu njengoba bengakwazi ukufinyelela kalula ezindaweni zokukha amanzi, futhi alukho usizo olukhethekile abalunikeziwe.

UMaria Motsamai, ohola impesheni e-Daveyton, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ushaqekile ngesikhathi ebona ompompi bakhe bome nkwe kungaphumi manzi ngoLwesihlanu.

“Bengingenawo amanzi kwadingeka ngincenge omakhelwane bami ukuba bangiphe inkomishi nje yokuphuza. Kusukela lapho, bengilokhu ngithembele kubo ukuthi babelane nami amanzi, kodwa akwanele ukusiza zonke izidingo zami eziyisisekelo. Kungani bengacabanganga ngabahola impesheni?” ebuza.

Omunye ohola impesheni, uMantoa Moloi, uthe usekhathele uhulumeni onqamula izinsiza njalo uma kukhona okulungiswayo.

“Abaholi abasithatheli phezulu. Uma kungekhone ukucishwa kukagesi, ukuphela kwamanzi. Balinda kuze kube nomkhulu umonakalo ngaphambi kokulungisa, okusithinta kabi njengomphakathi,” esho.

NgoLwesihlanu, i-Rand Water iqale umsebenzi wokulungisa othinta izindawo ezingu-16, obekufanele udonse izinsuku ezintathu.

U-MMC waseKurhuleni obhekelele ezamanzi nokuthuthwa kwendle, uThembi Msane, uthe umsebenzi kulindeleke ukuthi ube usuphothuliwe ngoMsombuluko ekuseni. Kodwa ngoMsombuluko kusihlwa, kusebenza ipayipi elilodwa kuphela kwamathathu.

“Ngenxa yalokhu, amadamu ayathinteka,” kusho uMsane. “Sizoqala ukubuyisela amanzi uma esefikile emadamini edolobha. Izindawo eziphezulu zizoba ngezokugcina ukubuyiselwa amanzi.  Ukubuyela esimeni ngokugcwele kungase kuthathe amasonto amathathu.” 

Esithombeni ngenhla: Izakhamizi zimi olayini ukuze zithole amanzi e-Daveyton.

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva