Kufunwa umdlali welombhoxo onyamalele

Sekuphele amasonto amathathu umndeni wakhe neqembu lebhola lombhoxo amaBulls bengakezwa lutho ngomdlali wasemuva uSbu Nkosi.

AmaBulls akuqinisekise ngoMgqibelo ukuthi asevule ngokusemthethweni idokodo lomuntu olahlekile njengoba kungaziwa ukuthi ukuphi.

Namalungu omndeni wakhe aveze ukuthi lo mdlali ubengakaxhumani nawo.

NgoMgqibelo ekuseni isikhulu esiphezulu samaBulls, u-Edgar Rathbone utshele i-News24 ukuthi benze konke okusemandleni ukuxhumana nalo mdlali (26).

“Siyethemba ukuthi uphephile njengoba uphenyo luqhubeka,” kusho uRathbone.

Esitatimendeni leli qembu liveze ukuthi bazamile ukushayela uNkosi ucingo baphinde bazama ukumthinta ngemiqhafazo, bashayela izihlobo izincingo, bathinta intombi yakhe kanye nabangani abasondelene naye. Sebeye kane emzini wakhe.

Babike ukuthi ulahlekile esiteshini samaphoyisa e-Brooklyn, ePitoli ngoLwesine icala labe selidluliselwa esiteshini samaphoyisa e-Sunnyside.

UNkosi wafakwa esikwatini samaSharks esasidlala kwi-Currie Cup ngo-2016 kodwa akazange asithole isikhathi sokudlalo, kunalokho udlale imidlalo emithathu eqenjini lamaSharks labaneminyaka engaphansi kwengu-21 ngo-2016 waphinde wadlala kwabangaphansi kweminyaka engu-21 kwi-Provincial Championship.

UNkosi waqokwa esikwatini sakuleli esasidlala kwiNdebe yoMhlaba yoMbhoxo ngo-2019.

Luhlanganiswe nguLucky Maree

Esithombeni esingenhla: USbu Nkosi osekuphele amasonto amathathu engabonwa

Umthombo wesithombe: RugbyPass

Izihloko zakamuva