Kufunwa owesilisa obehlomile eshayela imoto kamasipala ngesikhathi sempi e-Phoenix

Lungani Zungu

Umasipala weTheku wethule uphenyo ngemuva kokubona isithombe sowesilisa obemi eduze kwemoto kamasipala ephethe isibhamu endaweni yase-Phoenix, lapho okuqubuke khona ukungezwani ngokobuhlanga ngesonto eledlule.

Okhulumela umasipala uMandla Nsele, uchaze lesi sithombe “njengesithombe esishaqisayo”.

“Njengamanje iDolobha liphenya ngalezi zithombe ezishaqisayo esaziswe ngazo.”

Esithombeni esisabalale ezinkundleni zokuxhumana, indoda ibonakala iphethe isibhamu, kanti ngemuva kwakhe kunemoto kamasipala ebhaliswe ngokuthi i-NDM.

Zonke izimoto zikamasipala weTheku ziqala ngo-NDM.

I-Phoenix ibiyindawo yezimpi ebiphakathi kwamaqembu alwayo ngokobuhlanga kusukela ngesonto eledlule ngesikhathi kuqala ukuphangwa nokucekelwa phansi kwempahla.

Abantu abangama-23 sekuqinisekisiwe ukuthi bashonile.

Ngesikhathi kusaqhutshwa uphenyo, bekubuzwa imibuzo yokuthi ngubani osayinele imoto kamasipala ukuthi iphume iye e-Phoenix futhi ngaphansi kwegunya likabani.

Isisebenzi sikamasipala esingavunyelwe ukukhuluma nabezindaba, sithe kuzoba lula ukuthola ukuthi ngubani othathe imoto.

“Inombolo yokubhalisa iyabonakala, okuzokwenza izinto zibe lula ukwazi ukuthi ngubani osayine imoto nokuthi kungani ebese-Phoenix.”

Lezi zigameko zokubulawa kwabantu okusolakala ukuthi ziyaqhubeka zenze ukuthi uNgqongqoshe wezamaPhoyisa uMnuz uBheki Cele ahambele eNanda, KwaMashu nase-Phoenix, izindawo ezisenyakatho yeTheku ngenhloso yokuqeda udlame.

Ilungu le-EFF ePhalamende, uSibongile Khawula, naye ongowaseNanda, ukhihle isililo ngoLwesibili ngesikhathi elandisa ngezigameko ezinyantisa igazi lapho okubulewe khona abantu.

UNgqongqoshe uCele uthembise ukuthi kuzoba khona amanye amaphoyisa kule ndawo. Amaqembu amaningi ezepolitiki, okubalwa kuwo neqembu elibusayo i-ANC, i-IFP, i-DA ne-EFF, ahambele le ndawo ngenhloso yokudala ukuthula.

Izihloko zakamuva