Kufungiswe amalungu amasha ekomiti lemeya Ekurhuleni 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ukufungiswa kwekomiti  elisha lemeya yase-Ekurhuleni kuqale ngesiphithiphithi njengoba amalungu e-ANC enqabile ukufungiswa ngoLwesine ephikisana nokuqokwa kwamalungu e-EFF ekomiti lemeya.

IKomiti leMeya entsha uSivuyile Ngodwana limenyezelwe ngoLwesithathu kusihlwa ngemuva kokuthi owayeyiMeya uTania Campbell evotelwe ukuthi aphume esikhundleni ngesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe ngoLwesine olwedlule.

Umasipala uye wahlukana phakathi waba amaqembu amabili – kodwa i-EFF iphethe izintambo kulo masipala.

Lokhu kusho ukuthi i-ANC eno-1.3% wamavoti okhethweni olwedlule iyona ebambe isikhundla sobumeya kanti izikhundla ezibalulekile ziphethwe i-EFF ethole u-13.6% wamavoti.

I-EFF iphume embangweni womkhandlu yathatha izikhundla ezibalulekile okubalwa esikaSomlomo womkhandlu esithathwe uNthabiseng Tshishivhenga kanye lelungu lekomiti lemeya elibhekelela izimali uNkululeko Dunga.

Yize izikhundla eziyishumi zamalungu ekomiti lemeya zihlukaniswe ngokulinganayo phakathi kwe-ANC ne-EFF, i-EFF ilawula isikhwama sikamasipala esingu-R54.1 billion kanye nezinqubo nezinqumo ezithathwa emkhandlwini.

Amalungu amasha ekomiti lemeya e-EFF afungiswe e-OR Tambo Government Precinct e-Germiston ngoLwesine ekuseni.

Amalungu ekomiti lemeya e-ANC abengabonwa nangokhalo njengoba iqembu lingeneme ngohlu kwamalungu ekomiti lemeya olukhishwe imeya yesigungu izolo ebusuku.

USotswebhu we-ANC emkhandlwini uJongisizwe Dlabathi ukuqinisekisile ukuthi amakhansela e-ANC awafungiswanga futhi iqembu lisamatasa nezinhlelo zokuxazulula izinselelo ezithile nemeya.

Amalungu ekomidi lemeya ahlanganisa:

· Ilungu lekomiti lemeya elibhekelela amanzi, ukuthuthwa kwendle namandla – uLeshaka Manamela (EFF)

· Ilungu lekomiti lemeya elibhekelela imisebenzi yomphakathi: ezeMpilo, Ukuthuthukiswa komphakathi kanye ne-SHRAC – uBridget Thusi (EFF)

· Ilungu lekomiti lemeya elibhekelela izinsiza zengqalasizinda: Izindlu ezithengiswayo – uKgopelo Hollo (EFF)

· Ilungu lekomiti lemeya elibhekelela Imvelo kanye nezinsiza zokulawulwa kwemfucuza – u-Eunice Matloga (EFF)

· Ilungu lekomiti lemeya elibhekelela Ukuhlela ezokuthutha imigwaqo kanye nezikhukhula – u-Andile Mgwevu (ANC)

· Ilungu lekomiti lemeya elibhekelela Ezokuphepha komphakathi: EMPD kanye ne-DEMS – uSizakele Masuku (ANC)

· Ilungu lekomiti lemeya elibhekelela izinkonzo zebhizinisi nehlanganyelayo: ezabasebenzi, ezokuxhumana nokuphathwa komkhiqizo, amasu, ubungozi, ukuhlolwa kwezomthetho nokucwaninga kwangaphakathi – uNkosindiphi Doctor Xhakaza (ANC)

· Ilungu lekomiti lemeya elibhekelela ukuhlaliswa kwabantu – ​​uMasele Madihlaba (ANC)

· Ilungu lekomiti lemeya elibhekelela Ukuhlelwa kwedolobha kanye nokuthuthukiswa komnotho – ​​uNomadlozi Nkosi (ANC)

Esithombeni esingenhla: Amakhansela e-EFF ngemuva kokufungiswa 

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva