Kufufusa eyokwethulwa kweVAR kuleli 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Inhlangano eyengamele ibhola kuleli i-Safa isiqale izinyathelo zokwethula ubuchwepheshe be-Video Assistant Referee (VAR) ebholeni lakuleli.

Iholwa unompempe osanda kuthatha umhlalaphansi uVictor Gomes osengusihlalo wekomiti lonompempe kule nhlangano i-VAR ingase iqale ukusetshenziswa ngesizini ezayo.

Umphathi wonompempe ku-Safa u-Abdul Ebrahim uveze izinyathelo abazozilandela uma bethula ubuchwepheshe bonompempe.

“Singase sinqume ukuqala ngemiqhudelwano yeNdebe mhlawumbe i-Nedbank Cup kuma-quarter-final, owandulela owamanqamu kanye nowamanqamu kodwa kuzoncika ekutheni ukuzilolonga kuhamba kanjani,” kusho u-Ebrahim etshela i-Scrolla.Africa.

Kodwa ngeke kuqale ngemidlalo ye-Premier Soccer League (PSL) kule sizini.

“Ngeke kwenzeke ngesikhathi seligi ngoba muningi umsebenzi okumele wenziwe kuqala ngaphambi kokuthi sifike kuleso sigaba,” kusho u-Ebrahim.

“Sisanda kuthumela incwadi yenhloso ku-Fifa futhi sizolinda bona ukuzwa ukuthi yiziphi izinyathelo okufanele sizilandele.

“Kumele wazi ukuthi uhlelo olukhulu futhi  kusobala ukuthi ingxenye yokuziqeqesha yiyona ezoza kuqala.”

Elakuleli lizoba nonompempe abambalwa abazoqeqeshelwa i-VAR.

UGomes uqobo, uZakhele Siwela, u-Abongile Tom kanye nonompempe wesifazane u-Akhona Makhalima ngabanye onompempe abake basebenzisa lobu buchwepheshe bonompempe.

“Sinonompempe abambalwa abaqeqeshiwe ngakho ukuziqeqesha kuzoba yingxenye enkulu,” kwengeza u-Ebrahim.

Okulandelayo kuzoba nemishini. Okwamanje silinde ukuzwa ku-Fifa ukuthi yiziphi izinyathelo ezilandelayo.”

Amazwe ambalwa ase-Afrika asesebenzisa i-VAR futhi ziyakhula izicelo zokuthi elakuleli liyethule.

I-Morocco ibe ngeyokuqala ezwenikazi ukusebenzisa i-VAR ngo-2019 ngesikhathi somdlalo owandulela owamanqamu we-Coupe du Trone phakathi kwe-Difaa Jadida ne-Ittihad Casablanca kanti i-Egypt iye yayethula ngo-2021.

Muva nje i-Zambia ibithembele ku-VAR ngesikhathi somdlalo wamanqamu we-Absa Cup phakathi kwe-MUZA ne-Forest Rangers.

Esithombeni esingenhla: Unompempe eyobheka i-VAR

Umthombo wesithombe: FIFA

Izihloko zakamuva