Kufufusa eyokuqokwa kwemeya entsha kowaseNMB

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ngenxa yezingxabano zangaphakathi ku-Northern Alliance ukudideka nokungazinzi kuphinde kwafinyelela ogwini lwaseNelson Mandela Bay – futhi kubonakala sengathi lo masipala omkhulu ungase wamukele enye imeya esikhathini esingaphansi kwenyanga.

Uma kuwukuthi ingqungquthela ye-Northern Alliance yokukhetha ubuholi ebingoMgqibelo ibisemthethweni kubonakala sengathi imeya esanda kukhethwa kamasipala waseNelson Mandela Bay (NMBM) uGary van Niekerk angase angahlali isikhathi eside esikhundleni.

NgoMgqibelo, uhlaka oluthile lweqembu lukhethe abaholi abasha kuzwelonke asebethathe isinqumo sokubhalela umphathi kamasipala waseNelson Mandela Bay uNoxolo Nqwazi bememezela izikhala ezimbili esihlalweni sikaVan Niekerk kanye nomphathi wezokuphepha uStag Mitchell. 

Lesi simemezelo senziwe “uMengameli omusha” we-Northern Alliance, uJappie Jansen oqokwe engqungqutheleni yesibili yeqembu ngoMgqibelo.

Khonamanjalo, izolo uVan Niekerk ukhiphe isitatimende egxeka ingqungquthela yokukhetha ubuholi wayibiza ngokuthi umbuthano ongekho emthethweni. “Abammeli bethu bakhiphe izincwadi eziya kumalungu axoshiwe namisiwe abambe umbuthano ongekho emthethweni ngaphansi kwe-Northern Alliance,” esho.

“Izenzo zabo ngeke zibe nomthelela kubasebenzi bethu emkhandlwini nakuMasipala waseNelson Mandela Bay,” kusho isitatimende.

UMengameli weqeqebana elingaphansi kwe-Northern Alliance, uJappie Jansen uzichithile izinsolo zokuthi ingqungquthela yokukhetha ubuholi ibizwe ngamalungu ale nhlangano angeneme.

“Umthethosisekelo wethu uthi abangu-1 000 abasayinile abangamalungu e-Northern Alliance bangacela umbuthano.

“Isikhathi sabo bonke abe-Northern Alliance sokusebenza ehhovisi siyiminyaka emibili kuphela futhi leso sikhathi siphele ngoNdasa,” kusho uJansen.

Nakuba uVan Niekerk ethe ingqungquthela “yangempela” yokukhetha ubuholi izobanjwa ngasekupheleni kwalo 

nyaka, agxile kukho manje izinsuku zakhe zokuqala eziyikhulu ehhovisi.

Ukubunjwa kohlaka lweqembu elihambisana ne-Northern Alliance kuqale ngokumiswa kukaSihlalo kazwelonke weqembu uBevan Brown.

UBrown uye wabhekana nengwadla ngesikhathi ephumela obala edelela isikhundla seqembu kuhulumeni wobumbano obusa eNelson Mandela Bay owakhiwe i-ANC, i-EFF, i-NA, i-AIC kanye ne-PAC. Kamuva uye watholwa enecala leziphambeko eziningi nokuyinto eyaholela ekutheni amiswe emsebenzini.

Kodwa-ke, okwamanje uBrown uphikisa ukumiswa kwakhe eNkantolo eNkulu yase-Gqeberha.

Esithombeni esingenhla: Umholi we-Northern Alliance uGary van Niekerk

Umthombo Wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva