Kufika nobunzima ukubiza kwamaqokela e-Zimbabwe

Kamogelo Olaitan

Amantombazana asemakhaya e-Zimbabwe asesebenzisa ubulongwe bezinkomo kanye namaphephandaba esikhundleni samaqokela.

Bakhetha ingxenye yobulongwe obuthambile bazame ukubumba  babuyeke bome ngaphambi kokuba babusebenzise ngaleso sikhathi senyanga.

Amaqokela abiza imali elinganiselwa ku-R34 okuyinto imindeni eminingi engakwazi ukumelana nayo.

Ukuphila ngemali engaphansi kwedola ngosuku iyona mpilo ephilwa izakhamuzi eziphoqeleka ukuba zikhethe phakathi kokuthenga amaqokela noma ukuthenga ukudla.

UConstance Dimingo wasemakhaya e-Domboshava ungomunye wamantombazane amaningi endaweni yangakubo engakwazi ukuthola amaqokela.

Intombazane eneminyaka engu-19 ubudala ehlala amakhilomitha angu-30 ukusuka e-Harare itshele i-AfricaNews ukuthi ukuphila impilo yobumpofu kubanika inkinga yena nodadewabo ababili uma bengena esikhathini.

“Sagcina ukugqoka amaqokela ngaphambi kokushona kukamama nyakenye,” kusho yena.

“Manje kumele sisebenzise noma yini esingayithola njengobulongwe benkomo, amahlamvu, amaphephandaba, indwangu ukuze sikwazi ukubekezelela ukungena esikhathini. Ngifisa sengathi umama wami usaphila ukuze angithengele ama-pads nemithi yezinhlungu zokuya esikhathini.”

Ugogo wakhe ongaboni kahle uVhene Gumedhe uthe “ama-pads ayinto ewubukhazikhazi engingeke ngikwazi ukuyithengela abazukulu bami.”

Echaza ukuthi uhlelo lobulongwe lusebenza kanjani ugogo Gumedhe uthe uyabuthatha ubulongwe abubumbe abushiye bome ukuze bukwazi ukumunca igazi kalula.

Uthe “ubulongwe ubugoqa ngezindwangi ukuze bangazweli ubuhlungu nokuluma uma sekumele bewusebenzise. Ngiphinde ngibafundise nendlela yokuvala isitho sangasese ukuze bavimbele ukopha,” kusho ugogo.

Ubulongwe obusetshenzisiwe bugqitshwa emhlabathini.

Le ndlela esetshenziswa amantombazane aphelelwe ithemba ayiphephile.

Ngokusho kwe-AfricaNews uTheresa Nkhoma onguMsebenzi Wokunakekelwa Kwezingane eMnyangweni Wezemisebenzi Kahulumeni, Ezemisebenzi Nezenhlalakahle e-Zimbabwe uthe lezi zindlela izona ezingadala ubungozi bokwakheka kwamagciwane esithweni sangasese.

“Amantombazane akhala ngokuluma nokusha esithweni sangasese. Ziningi izifo ezingavela njenge-yeast infections, i-urogenital tract infections kanye nezimpawu zokuqala zomdlavuza womlomo wesibeletho ngenxa yokufakwa emgudwini wesitho sangasese sowesifazane,” kusho uNkhoma.

“Sizama ukutholela abasezigodini imishini yokuthunga ukuze bafunde ukwenza ama-pads abazokwazi ukuwasebenzisa kabusha.”

Abangamele abesifazane nentsha e-Zimbabwe babika ukuthi angu-67% amantombazana alova esikoleni ngesikhathi besesikhathini ngenxa yokungabi khona kwama-pads.

Izihloko zakamuva