Kufezeke iphupho uLewis ejoyina iFerrari

Lubhalwe nguRazeen Gutta

  • ULewis Hamilton ujoyine ngokusemthethweni i-Ferrari, ebiza usuku lwakhe lokuqala ethi “akasoze alukhohlwa” njengoba evakashele i-HQ yeqembu futhi wahlangana nabaphathi beqembu ababalulekile.
  • UHamilton uchaze ukusebenzela i-Ferrari njengephupho lempilo yakhe, okuwukuqala kwesahluko esisha ngaphambi kokuthi kuqale isizini ngoNdasa.

ULewis Hamilton usejoyine i-Ferrari ngokusemthethweni kanti usuku lwakhe lokuqala emsebenzini lube “usuku ayolukhumbula ingunaphakade”. 

Lo mpetha womhlaba amahlandla ayisikhombisa umemezele ngonyaka odlule ukuthi uzojoyina i-Ferrari kanti namalungiselelo akhe esizini entsha ayaqhubeka ngokusemthethweni. 

Ngosuku lwakhe lokuqala, uHamilton “uvakashiswe ehhovisi elidumile, lapho umsunguli u-Enzo Ferrari abukela khona iqembu lakhe lisemsebenzini,” kusho isitatimende se-Ferrari. 

“UHamilton ube esebuyela e-Scuderia HQ, lapho ahlangane khona nethimba labaphathi kanye nesekela-sihlalo uPiero Ferrari, ngaphambi kokuba aqale uhlelo losuku lonke, evakashela yonke iminyango eyahlukene ukuze azi iqembu kangcono.

“Umsebenzi uyaqhubeka kusasa ngeminye imihlangano yezobuchwepheshe kanye nezithangami njengoba kuqhubeka amalungiselelo esizini ezoba matasa kakhulu.”

Lo mdlali oneminyaka engu-40 ubudala, uthe ukusebenza nezibomvu kwakuyiphupho lempilo yakhe abehlale ebambelele kulo. 

“Kunezinsuku ezithile owaziyo ukuthi uzozikhumbula impilo yakho yonke futhi namuhla, okokuqala njengomshayeli we-Ferrari, ngolunye lwalezo zinsuku,” kusho uHamilton engisini ku-Instagram.

“Ngibe nenhlanhla yokuzuza izinto ebengingakaze ngicabange ukuthi zingenzeka, kodwa bekuyiphupho lami ukusebenzela ezibomvu. Ngijabule kakhulu kufezeka iphupho lami.

“Namuhla siqala inkathi entsha emlandweni waleli qembu eliyingcweti, futhi angisakwazi ukulinda ukubona ukuthi yini esizoyifeza ndawonye.”

Isizini entsha iqala ngoNdasa e-Australia. 

Esithombeni esingenhla: ULewis Hamilton. 

Umthombo: @lewishamilton

Izihloko zakamuva