Kufe inqonqodwane yekhonde U-Ozzie

Arthur Greene

U-Ozzie, ikhonde elidala kunawo wonke emhlabeni, ufe useneminyaka engu-61.

Isidumbu saleli khonde sitholwe ngabaphathi balo esiqiwini sase-Atlanta eMelika ngoLwesibili.

“Lokhu ukulahlekelwa okudabukisayo esiqiwini sase-Atlanta,” kusho uRaymond Kind, onguMengameli kanye noMphathi wesiqiwi.

“Igalelo lika-Ozzie lokuphila angeke liphele, ezizukulwaneni zezimfene azishiye ngemuva nasemkhakheni wolwazi womhlaba ekunakekeleni uhlobo lwakhe”.

U-Ozzie, njengoba aziwa kanjalo, uphile impilo ehloniphekile, ngokubamba iqhaza ezifundweni eziningana eMelika ukuze asize umuntu ukuqonda uhlobo lwakhe.

Kodwa ngaphambi kwalokho, waqala ukuphila endle e-Central Afrika. Kucatshangwa ukuthi wazalwa ngo-1961, ngaphambi kokuthi abanjwe futhi ayiswe eMelika eneminyaka emithathu ubudala.

Uchithe yonke impilo yakhe ende ehlala ezikhungweni zemvelo ezahlukahlukene kulo lonke elase-Florida, waqala ukuhlala e-Yrkes National Primate Research Center.

Ngo-1970, wabamba iqhaza ezifundweni zokuzazisa.

Ngo-2009, u-Ozzie waqopha umlando ngokufunda indlela yokukala umfutho wegazi lakhe ngokufaka ingalo yakhe ensimbini ebizwa ngokuthi i-sphygmomanometer.

Lokhu kwathatha izinyanga zokuqeqeshwa ngabagcini bezilwane, ayexhumana nabo ngokucula kanye nama-rap ezicabheni nasemafasiteleni.

Ngaphandle kwemizamo yakhe ebalulekile yesayensi, u-Ozzie ubeyikhonde elinomndeni, elazala amazinyane eziyishumi nambili ngo-2009.

Kubikwa ukuthi inzalo yakhe isabalale kuzo zonke iziqiwi eziningi eMelika nase-Canada.

Ngonyaka odlule, u-Ozzie waba ngenye yezimfene ezingu-13 ezahaqwa i-coronavirus esiqiwini. Ngalesi sikhathi, waye khwehlela, ejuza amafinyila futhi engakwazi nokunambitha  ukudla.

Walulama kuleli gciwane, kodwa akukacaci ukuthi libe neqhaza yini ekufeni kwakhe.

Abaphathi bakhe bathe ngesonto eledlule u-Ozzie uye waqala ukungadli kahle. Imbangela yokufa kwakhe ayikaziwa.

Izihloko zakamuva