
Arthur Greene
U-Ozzie, ikhonde elidala kunawo wonke emhlabeni, ufe useneminyaka engu-61.
Isidumbu saleli khonde sitholwe ngabaphathi balo esiqiwini sase-Atlanta eMelika ngoLwesibili.
“Lokhu ukulahlekelwa okudabukisayo esiqiwini sase-Atlanta,” kusho uRaymond Kind, onguMengameli kanye noMphathi wesiqiwi.
“Igalelo lika-Ozzie lokuphila angeke liphele, ezizukulwaneni zezimfene azishiye ngemuva nasemkhakheni wolwazi womhlaba ekunakekeleni uhlobo lwakhe”.
U-Ozzie, njengoba aziwa kanjalo, uphile impilo ehloniphekile, ngokubamba iqhaza ezifundweni eziningana eMelika ukuze asize umuntu ukuqonda uhlobo lwakhe.
Kodwa ngaphambi kwalokho, waqala ukuphila endle e-Central Afrika. Kucatshangwa ukuthi wazalwa ngo-1961, ngaphambi kokuthi abanjwe futhi ayiswe eMelika eneminyaka emithathu ubudala.
Uchithe yonke impilo yakhe ende ehlala ezikhungweni zemvelo ezahlukahlukene kulo lonke elase-Florida, waqala ukuhlala e-Yrkes National Primate Research Center.
Ngo-1970, wabamba iqhaza ezifundweni zokuzazisa.
Ngo-2009, u-Ozzie waqopha umlando ngokufunda indlela yokukala umfutho wegazi lakhe ngokufaka ingalo yakhe ensimbini ebizwa ngokuthi i-sphygmomanometer.
Lokhu kwathatha izinyanga zokuqeqeshwa ngabagcini bezilwane, ayexhumana nabo ngokucula kanye nama-rap ezicabheni nasemafasiteleni.
Ngaphandle kwemizamo yakhe ebalulekile yesayensi, u-Ozzie ubeyikhonde elinomndeni, elazala amazinyane eziyishumi nambili ngo-2009.
Kubikwa ukuthi inzalo yakhe isabalale kuzo zonke iziqiwi eziningi eMelika nase-Canada.
Ngonyaka odlule, u-Ozzie waba ngenye yezimfene ezingu-13 ezahaqwa i-coronavirus esiqiwini. Ngalesi sikhathi, waye khwehlela, ejuza amafinyila futhi engakwazi nokunambitha ukudla.
Walulama kuleli gciwane, kodwa akukacaci ukuthi libe neqhaza yini ekufeni kwakhe.
Abaphathi bakhe bathe ngesonto eledlule u-Ozzie uye waqala ukungadli kahle. Imbangela yokufa kwakhe ayikaziwa.