Kufe igundane ebeliyiqhawe

Arthur Greene

Kufe igundane ebelikhaliphile likwazi ukukhipha amabhomu agqitshwe phansi.

Leli gundane ebelibizwa ngoMagawa liye kothenga ilala selineminyaka eyisishiyagalombili.

Leli gundane beliyiqhawe, ukuvelela kwalo kufakazelwa nawukuthi like lithola ngisho nendondo yegolide ngokukhipha amabhomu agqitshiwe.

Leli gundane ebeliyisilomo laseTanzania lisize kakhulu  ngokukhipha  amabhomu ayegqitshiwe phansi.

UMagawa uthathe umhlalaphansi ngoNhlangulana ngonyaka odlule ngemuva kokuthola amabhomu agqitshiwe angaphezu kwekhulu namanye amabhomu awathola emaphandleni ase-Cambodia.

“Ukuhogela kwakhe okuyisimangaliso” kwakumvumela ukuba abone amabhomu ngokushesha kunomshini wensimbi ojwayelekile, ngokusho kwe-Apopo, inhlangano okuyiyo eyamqeqesha.

Ngokushesha kwakhe, uMagawa wayekwazi ukuhogela isikhala esilingana nenkundla yethenisi ngemizuzu engu-30 kanti umshini wensimbi wawungathatha izinsuku ezine ukwenza umsebenzi ofanayo.

Umsebenzi wakhe phambilini uye wahlonishwa ngoxhaxha lwemiklomelo. 

Ngemuva kokuthatha umhlalaphansi, wawina indondo yegolide ye-PDSA “ngokuzinikela nokusindisa abantu”, waba igundane lokuqala ngqa ukuthola lo mklomelo.

“Sonke e-Apopo sizizwa silahlekelwe ngokufa kukaMagawa futhi sibonga kakhulu ngomsebenzi wakhe omuhle awenzile,” kusho u-Apopo esitatimendeni.

Izihloko zakamuva